Izindaba

Abaka-matric bazibophezele ukuthi bazothembeka

Mhlengi Shangase|Published

ABAFUNDI baka-matric eMaphinda Secondary, eNanda, bezibophezela ukuthi bazothembeka uma sebebhala

Image: KZNEDUCATION

BAZIBOPHEZELE ekutheni ngeke bakopele abafundi abaqala izivivinyo zika-matric ezweni lonke, ngesikhathi benza izifungo zokuthi bazothembeka uma sekubhalwa.

Kanjalo nalabo abazobe beqaphe ababhalayo, bayalelwe ukuthi bangalinge balingeke ngokuthi bafune ukusiza ababhalayo ngezimpendulo ngoba bazongena enkingeni.

Lokhu kuvele emicimbini ehlukene ezweni lonke lapho bekufungiswa khona ababhalayo ngoLwesihlanu.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ushumayele ivangeli kwababhalayo ukuthi bathembeke.

Ubakhumbuze ukuthi noma kuthiwa ababonwa ngumuntu, kumele ngaso sonke isikhathi benze okufanele.

"Ubuqotho yinto ebaluleke kakhulu kumuntu. Kubalulekile ukuthembeka emsebenzini wakho, ungakopeli noma kuthiwa akekho okubonayo. Uma ufunga usuke ungenzeli nje abantu kodwa uyazibophezela ekutheni imiphumela ozoyithola izobe ivela ezithukuthukwini zakho," kusho uNksz Gwarube.

Uthe ukungathembeki uma ubhala akubeki engcupheni ikusasa lobhalayo kodwa kubeka engcupheni isithunzi sezivivinyo.

"Uma sivumela ukukopela, sibeka engcupheni izivivinyo. Silimaza isithunzi sesitifiketi sezinkumbi zabafundi ababhale ngobuqotho. Senza ukuthi umphakathi ungaluthembi uhlelo lwezemfundo," kuqhuba uNksz Gwarube.

Usho lokhu nje, nenyunyana yothisha iSadtu KwaZulu-Natal, inxuse abazogada ababhalayo ukuthi bathembeke, bangavumeli abazokopela.

"Abafundi abazethembe ngalesi sikhathi, bangakopeli. Nabazobe begadile abangasizi ngokuthi babanike izimpendulo ngoba lokho kubeka engcupheni isithunzi sezivivinyo," kusho iSadtu.

Nomkhandlu olawula izingabunjalo lika-matric, Umalusi, ushumayele ivangeli lokuthi kungakotshelwa ngoba kuzobe kungasiniswa mahleza uma sekubhalwa.

Umalusi uveze ukuthi uzojuba abazozinza ezikhungweni zokubhalela, abazobe bengathi nsi ngoba ukhathazekile ngokuthi minyaka yonke kuvela indaba yokuthi kusuke kunabakopelile.

Amabandla ehlukene, izolo akhulekele ukubhala okuhle okungenazihibe esifundazweni, njengoba uMnyango wezeMfundo, wanxusa amabandla ahlukene ukuthi abeke emkhulekweni ababhalayo.

Khonamanjalo: UNksz Gwarube uzokhuluma nabezindaba namhlanje ngamalungiselelo okubhalwa kwalezi zivivinyo. Isithangami sabezindaba sisesifundazweni iMpumalanga.