Izindaba

Lasuka lahlala kwababhala u-matric

Mhlengi Shangase|Published

LISUKA liyahlala namuhla ngokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka ka-matric

Image: Ian Landsberg/IndependentNewspapers

SINYUKILE isibalo sabafundi ababhala u-matric kuleli njengoba sinyuke ngo-39 000, uma kuqhathaniswa nesangonyaka odlule.

Bangaphezu kuka-900 000 abafundi ababhala u-matric kulo nyaka, kulaba abangu-766 000 babhala ngokugcwele, kuthi abangu-137 000 babhala ngasese.

Ememezela izinhlelo zokulungela ukubhalwa kwalezi zivivinyo eziqala namhlanje ngephepha le-Computer, uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uthe konke sekumi ngomumo.

Uthe ukunyuka kwesibalo sababhalayo kukhomba ukuthi baningi abathola imfundo kuleli.

"Ukunyuka kwesibalo sababhalayo kukhomba ukuthi siyehla isibalo sabaphindayo, okusho ukuthi bayaphasa. Kukhomba nokuthi baningi abathola ithuba lokufunda uma uqhathanisa namanye amazwe."

Uthe izinhlelo ezifana nolokudla ezikoleni, lwenza abafundi beze njalo ezikoleni.

"Kanjalo nendaba yokungakhokhwa kwemali yesikole kwenza babe baningi abathola imfundo. Siqinisa emazingeni aphansi ukuze kuthi uma sekuziwa emazingeni aphezulu babe sebekulungele," kuqhuba uNksz Gwarube.

Uthe yonke into isimi ngomumo mayelana nalezi zivivinyo.

"Zonke izinhlelo zimi ngononina njengoba singafuni kube nezithiyo ekubhaleni. Kunezinhlelo ezenziwe uma kwenzeka kucima ugesi, kuzosetshenziswa ama-generator. Kwenziwe nezinhlelo futhi uma kwenzeka kuba nemvula nezinye izinto ezingaphazamisa izivivinyo. Sinxusa imiphakathi ukuthi ingaphazamisi izivivinyo uma kukhona engeneme ngakho," kusho uNksz Gwarube esithangamini nabezindaba eMpumalanga.

Uhlabe ikhwelo kubafundi nothisha ukuthi bangazihlanganisi nezinto ezifaka ukukopela ngoba babeka ikusasa labo engcupheni.

Uveze nokuthi izivivinyo ziphothulwa ngoNovemba 27, bese kulungiselelwa ukumaka okuzoqala ngoDisemba 2.

UDkt Rufus Poliah obhekele izivivinyo emnyangweni, uveze ukuthi sinyukile nesibalo sabafundi ababhala izifundo ezehlukene.

Uthe kumele kushaye uDisemba 16, wonke amamaki abe esefakwe emakhompyutheni abo.

"Mkhulu umsebenzi owenziwe kulezi zivivinyo. Yonke into isimi ngomumo, sekusele kubafundi ukuthi babhale," usho kanje.

UDkt Regina Mhaule, iPhini likaNgqongqoshe emnyangweni, unxuse abafundi ukuthi bangahlali emakhaya kodwa baye ezikoleni bayofuna usizo kothisha.

"Izikole zivuliwe kuze kuphele unyaka. Abafundi abadinga usizo abaye ezikoleni ngoba othisha bakhona. Abangahlali emakhaya ekubeni kukhona izinto abangaziqondi njengoba bezobhala," usho kanje. 

Uyalele abazali ukuthi behlisele ababhalayo umsebenzi wasekhaya baze baphothule izivivinyo.

Amaqembu ezepolitiki kanjalo nohulumeni wakuleli bafisele abafundi ababhalayo ukubhala okuhle.

Kunconywe othisha ngomsebenzi omuhle abawenzile nokuzikhandla kwabo ngokusebenza ngezimpelasonto nangamaholidi befundisa abaka-matric.