Izindaba

Zikhala ngemiholo emincane izimantshi ezizobhikisha

Zimbili Vilakazi|Published

Izimantshi zibhikisha

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

KAZENEME ngemiholo engagculisi eholwa yizimantshi eNingizimu Afrika, izimantshi ezizobamba umbhikisho onokuthula ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini, namuhla. 

Imantshi ezoba yingxenye yombhikisho ecele ukungadalulwa, ikhuluma neSolezwe izolo, ithe isingu-17 iminyaka izimantshi zihola imali engagculisi.

Ithe ngendlela izimantshi ezihola imali encane ngayo, zidlulwa ngisho nangabanye ezisebenza nabo ezingeni elifanayo.

“Sifuna kubuyekezwe imiholo yezimantshi ezweni lonkana. Sekuphele iminyaka engu-17 izimantshi zihola imiholo engagculisi. Phezu kwaleyo miholo emincane, asinikwa ngisho nanemihlomulo yokuqashwa ekubeni namahhovisi esisebenza kuwo, awekho esimweni esigculisayo,” kusho umthombo.

Udweba isithombe sokuthi isimo sibi kangakanani uthe abanayo ngisho ne-medical aid, housing subsidy, car allowance futhi abekho ngaphansi kwesikhwama sempesheni yabasebenzi bakahulumeni, iGovernment Employees Pension Fund. 

Uthe babona sengathi abantu abahola imiholo egculisayo, amajaji, ekubeni benza umsebenzi ofanayo kanti kwezinye izikhathi uba mningi kunalowo owenziwa amajaji.

“Izimantshi esisebenza ezinkantolo zesifunda, ziyawengamela nazo amacala anjengawokubulala njengoba kwenza amajaji ezinkantolo ezinkulu. Umsebenzi uyafana kodwa uma kuziwa emaholweni, kukhona umehluko omkhulu,” kusho umthombo, othe amajaji ayithola yonke imihlomulo efana nama-medical aid nokunye okuningi.

Uveze ukuthi sesiside isikhathi belwa nalokhu kodwa kungekho mnyakazo.

Umthombo uthe okuyinkinga ukuthi akucaci ukuthi izimantshi kahle hle zingena ngaphansi kwaliphi ihhovisi. 

“Sithi uma siya kwelenhloko yamaJaji, sitshelwe ukuthi singena ngaphansi kwelikangqongqoshe wezoBulungiswa. Uma siya khona, sibuyiselwe kwelenhloko yamaJaji. Sigcine singasazi ke ukuthi kanti ikuphi la esingena ngakhona,” usho kanje. 

Ukhale ngokuthi kuzo zombili lezi zinhlaka akekho ofuna ukuthatha umthwalo, wadalula nokuthi nangonyaka odlule, kwaphoqa ukuthi baye enkantolo ukuze bathole uthasi waminyaka yonke obizwa ngokuthi yi-annual cost of living.

Echaza ngombhikisho, uthe uzobe unokuthula ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini, wathi kuzobe kukhona izimantshi ezivela kwezinye izinkantolo ezakhele iTheku.

Phakathi kwazo ubale iTheku, Point (esingatha amacala ezemindeni), Pinetown, Chatsworth neVerulam.

Uthe izimantshi ezivela kulezi zinkantolo ezizoba yingxenye yombhikisho ozobanjwa ngesikhathi sekhefu lasemini. 

Uveze ukuthi izimantshi zakwesinye izinkantolo esifundazweni sonke zinomuzwa ofanayo futhi zizowujoyina umbhikisho ngokuqhubeka kwesikhathi.

Wexwayise ngokuthi uma kuze kushaya uDisemba 15, kulo nyaka izikhalazo zabo zingalungiswa, bazowabeka phansi amathuluzi, izinkantolo zezimantshi zingasebenzi nhlobo. 

Uthe balindele ukuthi iHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa lilusukumele ngokukhulu ukushesha lolu daba.