UMUFI uMnuz Sphiwe 'Mapi' Ndlanzi ngesikhathi eseshintshile, engasazisebenzisi izidakamizwa
Image: SITHUNYELWE
UFELE ukuthi uke waba yiphara phambilini owesilisa wakwa-K, KwaMashu, okuthiwa ushonele emtholampilo ngoMsombuluko, emva kokushaywa kanzima yizihlobo zakhe ngeSonto, zimfuna isibhamu "esebiwe".
UMnuz Sphiwe "Mapi" Ndlanzi (39) kuthiwa ushonele emtholampilo iPoly, emva kokungeniswa khona onogada, abazithele phezu kwakhe esongwe ngengubo yokulala emgwaqweni oseduze nalesi sikhungo.
Ngokusho kukadadewabo, uNksz Nomaswazi Ndlanzi, umufi uhlaselwe wumzala wakhe nezingane zakhe ezimbili, abanomuzi esigcemeni esifanayo.
UMUFI uMnuz Sphiwe 'Mapi' Ndlanzi ngesikhathi esasebenzisa izidakamizwa
Image: SITHUNYELWE
Elandisa ngesigameko, uthe umufi wayekade eziyele emngcwabeni lapho ayephethe khona uhlelo lomngcwabo, wabuya wayoxoxa nabangani bakhe ngaphandle komuzi.
Uthe bathi besahleli lapho, kwaqhamuka umzala wakhe ngemoto, wayimisa bancokola kancane nomufi, wase esuka ehamba.
“Emva kwesikhathi wabuya eseshunqa, ebuza uMapi ukuthi siphi isibhamu sakhe? Kuthiwa wathi uma emtshela ukuthi akasazi, bamshova emotweni, bahamba naye,” kusho uNksz Ndlanzi.
Uthe konke lokhu kwenzeka nabo bayayizwa inkulumo ngoba konke lokhu kwenzeka ebangeni elingaqhelile nekhaya, wathi bathola ukuthi baya naye ekhaya labo, bafike bamkhumulisa, base bemshaya ngezikhali ezehlukene.
Kuzona ubale ifosholo, insimbi yokujima, induku yegalofu, imvubu, baphinde bamvala ubuso ngo-plastiki.
“Ngenxa yokushaywa, wagcina ethi usinike udadewethu omdala isibhamu, owabe esebizelwa endaweni yesigameko ukuzochaza,” kusho yena.
Uthe udadewabo wafike washo ukuthi akulona iqiniso okushiwo umufi, maqede abasolwa bangavuma ukuthi aqhubeke ahlale, wathi lona wesifazane wabe esefonela esinye isihlobo sesilisa ukuba sihambe siyokhuza, nathe saya, samfica eselimele kakhulu kunakuqala umufi.
“Kusona kuthiwa wathi usifake kwi-suit cover, sathi uma simbuzisisa kahle, wathi usemane uyasivuma nje isibhamu ngoba ezama ukuhlenga impilo yakhe. Lesi sihlobo sagcina sihamba naso njengoba kuthiwa base bejikela sona abasolwa,” usho kanje.
Ubalule nokuthi nabangani bakhe abangena kancane endaweni yesigameko, bethi bayolamula, behluleka, baphuma behlehla bebona ukuthi abasolwa kabamnike thuba umufi, wathi phakathi kwalaba abaya endaweni yesigameko bakhona abathinta amaphoyisa kodwa agcina engafikanga.
“Sithole ukuthi bathi uma sebebona ukuthi sebemlimaze kakhulu, bamsonga ngoblankethi, bayomlahla emgwaqweni ongasePoly khona ebusuku. Kuthiwa labonakala iPolo (imoto) loyedwa wabasolwa lidlula ngakhona ligijima kodwa wangaba bikho onakisisayo ngaleso sikhathi,” kusho uNksz Ndlanzi.
Uthe umfowabo waze watholwa onogada ekuseni ngezikhathi zokungena nokuphuma kwabanye emsebenzini kulesi sikhungo.
Bamngenisa ngaphakathi ukuze athole usizo, nokho kwamenela ngezithuba zasemini.
Uthe wayephuke inqwaba yamalungu omzimba, ikhanda libokozela laze laba nembobo namazinyo ephume wonke, waveza nokuthi ngesikhathi udadewabo omdala efonela umzala ngakusasa ekuseni, embuza ukuthi uphelelephi uMapi, waphendula ngelithi uthathwe ngamaphoyisa amyisa emtholampilo.
“Siyazi ukuthi akulona iqiniso leli ngoba amaphoyisa ayengeke athathe umuntu olimele kanjeyana ayomtshinga eduze komtholampilo esikhundleni sokumngenisa phakathi,” usho kanje.
Uqhube wathi kumangale wonke umuntu, sekuvela umnikazi weshibhi ebuza ukuthi yisiphi isibhamu umzala abemshayela sona uMapi ngoba nasi isibhamu sakhe kuyena, wasithatha ngeSonto, ngesikhathi ethi akambekele sona ngoba yena uzibona esephuze kakhulu.
Uthe basola ukuthi nakuba ebeseshintshile umufi, engaselona iphara, abasolwa bebesambona eyilo.
Echaza ngomlando kamufi nezidakamizwa, uthe ubesezisebenzise cishe iminyaka engu-18, wathi kodwa ngoMashi nonyaka, uqale uhambo lokushintsha ngohlelo lwebandla, iPrayer Assembly.
“Uhlale ngaphakathi esontweni, bemkhuculula izidakamizwa kusuka ngoMashi, waze waphuma ekupheleni kukaJuni, wabuyela ekhaya. Kusukela lapho, ubesengumuntu oshintshile, eseshabasheka emsebenzini wokulekelela abanye abanenkinga efanayo ngohlelo lwesonto,” kubeka uNksz Ndlanzi.
Uthe abaningi ebebembona okokuqala esephendukile, bebephika balale ngomhlane uma betshelwa ukuthi ubuya ekubeni yiphara. Ubengasabonakali.
“Ubuhlungu esibuzwayo siwumndeni abuchazeki, umphakathi nawo awukholwa ukuthi ubulawe ngesihluku futhi udiniwe. Wonke umuntu ubuza ukuthi usebulawa ngesihluku ngesikhathi lapho eseshintshile nje, yini? Siphucwe ithuba lokuhlala naye esewumuntu ongcono,” usho kanje.
Uthe nangesikhathi eseyiphara ubengahluphi ngobugebengu obunendluzula kodwa ubenolimi olukwazi ukukhohlisa umuntu, azikhiphele yena imali ephaketheni, wathi abukho ubutha obebukhona phakathi komndeni wabo nowabasolwa, kangangokuthi ngesikhathi beshonelwe unina ngo-2019, umzala wuye owayephethe uhlelo lomngcwabo.
“Abantu babuza ukuthi useyibulala kanjani ingane yalowo muntu,” kukhala uNksz Ndlanzi.
Uthe abakubheke ngecala ubulungiswa, abasolwa athe baboshwe ngoLwesibili, bajeze ngesenzo sabo, bangayitholi nebheyili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokubulala kulandela isigameko lapho owesilisa (39) eshonele emtholampilo ngoMsombuluko.
“Umufi kuthiwa wathathwa ngabantu abangaziwa, bamyisa emtholampilo elimele, wagcina ngokushona. Uphenyo luveza ukuthi ngaphambi kokuba ashone umufi ushaywe kanzima abantu abangaziwa emgwaqweni uNkankane kwa-K, KwaMashu,” kusho uCapt Ndlovu.
Uqhube wathi imbangela yokushaya ayikaziwa okwamanje.