Izindaba

Lihlehlele ezayo 'elowabulala' ingane kamakhelwane efuna u-R60 000

Zimbili Vilakazi|Published

Lihlehlile elikamakhelwane owabulala ingane efuna imali

Image: Pexels

LIHLEHLELE uNovemba 27 nonyaka icala lowesifazane osolwa ngokubulala ngesihluku ingane yakwamakhelwane wakhe kwa-Q, eMlaza efuna u-R60 000. 

Umsolwa, uNksz Sibongile Ngwadla (39), ubevele izolo eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngecala lokubulala ingane yomfana, uNtobeko Xaba (5).

UNksz Ngwadla, kuthiwa wenza umuga wokusonta umufi intamo aze ashone ehlala emjondolo oseduze kwakubo (kamufi). Kuthiwa usonta umufi intamo nje, wayekade ethumele umyalezo kunina wathi akamfakele u-R60 000 uma efuna ingane yakhe ibuye iphila. 

Kwavela ukuthi wayenezihlobo eMalukazi, okwavela ukuthi waqale wabalekela kuzo emva kokwenza isigameko, kwayima ebalekela lapho adabuka khona eMzimkhulu, nokuyilapho amaphoyisa ambhadama khona. 

IMantshi uKheswa, ihlehlise icala emva kokuthi uMshushisi woMbuso, uMnuz Lungelo Mkhithi, eveze ukuthi kusekhona ubufakazi obusashoda.

Phakathi kwabo uthe kusashoda umbiko wokuhlolwa kwesidumbu kanjalo nezinye izitatimende.

Kulesi sigameko umsolwa kuthiwa waqale wamthumba umufi ngo-Agasti 22, 2025. 

Kuthiwa wambulala ngakusasa, wase eyomlahla emhosheni ongaphansi kwebhuloho eliphakathi kwesigceme sakwa-Q no-U. 

Isidumbu sakhe esase sonakele, saze satholwa ngo-Agasti 28, 2025 emva kokuthi umsolwa esikhombe eqhutshwa amaphoyisa.