Izindaba

Bazosho kusenesikhathi abeMadlanga uma ubufakazi buzothulwa esithe

Zimbili Vilakazi|Published

Ijaji Mbuyiseli Madlanga, usihlalo wekhomishana kaMadlanga

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

ABEKHOMISHINI kaMadlanga sebezomemezela kusasele izinsuku ezintathu uma bezobiza ufakazi ozokwethula ubufakazi bakhe esithe.

Lokhu kushiwo u-Advocate Matthew Chaskalson SC, emva kokuba kuvele ukuthi abemithombo yezindaba ngeke besaqhubeka nokuphikisa ukuthi ufakazi ethule ubufakazi bakhe esithe.

Ngasekuqaleni kwesonto, abemithombo yezindaba abambalwa, bafake isicelo sokuthi ufakazi obizwa ngo-X abethule esidlangalaleni ubufakazi bakhe ukuze bulalelwe yiwo wonke umuntu.

Nokho ikhomishini ibinombono ohlukile kunalona, njengoba ithe lo fakazi uphethe ubufakazi obubucayi okungabeka impilo yakhe engcupheni uma ezofakaza esidlangalaleni. 

Iphinde yabeka ukuthi ubufakazi bakhe buyingxenye yophenyo olungakayi phambi kwenkantolo nokungaphazamisa uphenyo lwamaphoyisa uma luvezwa esidlangalaleni. 

Ekhuluma izolo ekuseni, uChaskalson uthe uphenyo lwamaphoyisa oluthinta ufakazi u-X selusesigabeni esiphezulu nokwenza kube nzima ukuthi banganeka lolo lwazi esidlangalaleni.

“Uma senza lokho sizobe sibeka engcupheni uphenyo lwamaphoyisa oluqhubekayo,” kusho uChaskalson.

Uthe lo fakazi kulindeleke ukuthi athule ubufakazi bakhe esithe nanamuhla, wathembisa ukuthi njengoba ikhomishini isaqhubeka, ngeke besalenza iphutha lokuthi basho sekusele isikhathi esifishane ngaphambi kokuthi aqale ukwethula ubufakazi bakhe ufakazi ukuthi uzobethula esithe.

“Sizokubika lokhu kusasele amahora angu-72 ngaphambi kokuthi ufakazi eze azofakaza. Sithemba ukuthi lokho kuzoba umbono omuhle kuwo wonke umuntu,” usho kanje. 

Uthembise ukuthi uma sekudlulisile uphenyo lwamaphoyisa, kungasekho ukukhathazeka kokuthi ukuvezwa kobufakazi kuzophazamisa uphenyo lwamaphoyisa, konke okuzovezwa ilo fakazi kwikhomishini kuzovezwa esidlangalaleni.