UDEDELWE ngebheyili uthishanhloko, uMnuz Khayelihle Dhlomo, osolwa ngokugwaza abulale unkosikazi ngoSepthemba, 2022
Image: ZIMBILI VILAKAZI
UTHISHANHLOKO osolwa ngecala lokugwaza abulale unkosikazi wakhe ngesihluku emzini wabo oseMalvern, eThekwini, ushintshe abameli.
Lokhu kuvele ngesikhathi umsolwa, uMnuz Khayelihle Dhlomo (53) evela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
UDhlomo usolwa ngokugwaza abulale umkakhe, naye owayenguthisha, uNkk Khanyisile Dhlomo.
Izolo, kuvele ukuthi uDhlomo usezomelwa ummeli omusha, uMnuz Duma.
Abameli ebebemele uDhlomo, ongumshana kasihlalo wekomiti lezeMpilo ePhalamende, uDkt Sibongiseni Dhlomo, phambilini bamlekelela efaka isicelo sebheyili.
Lona wesilisa okuthiwa unguthishanhloko esikoleni iSithembile Primary, eLindelani, eThekwini, wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.
Izolo, kuvele ukuthi inkantolo ilinde ihhovisi likamqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ukuthi lithathe isinqumo sokuthi lizoqulwa kuyiphi inkantolo.
Imantshi, uMnuz Scelo Zuma, ibe isilihlehlisela uJanuwari 16, 2025, icala.
Isigameko kuthiwa senzeka ngoSepthemba 2022, emzini wabo. Emva kokwenzeka kwaso, kuthiwa umsolwa watshela umndeni, izihlobo, omakhelwane namaphoyisa ukuthi umufi uzibulele ngenxa yokhwantalala.
Kuthiwa umndeni wawulokhu uwashaye njalo amakhala ngalokhu, kwazise umufi wayenamanxeba angaphezu kwelilodwa. Kuthiwa wawulokhu ubuze njalo ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu ozibulele abenamanxeba amaningi?
Umsolwa ugcine ekhalelwa amasongo kaSigonyela ngoJulayi nonyaka, kulandela ukuthi idokodo lokufa kukamufi lithathwe ngolunye uphiko lwamaphoyisa olwehlukile. Kuthiwa emva kophenyo olunzulu lwaleli thimba, idokodo lokufa komuntu laguqulwa kwaba elokubulawa komuntu, maqede waboshwa umsolwa.
Related Topics: