Izindaba

URamaphosa uchitha eyobudlelwano nosomathenda odlelwe impahla

Mhlengi Shangase|Published

Umuzi kaHangwani Maumela

Image: SIU

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uchitha ukuthi unobudlelwano nosomathenda uMnuz Hangwani Maumela, okushaqwe izimoto ezibizayo ngeledlule emzini wakhe oseSandton, eGoli.

Lokhu kuhlangene nophenyo ngezinsolo zokukhwatshaniswa kwemali ngethenda lika-R2 billion, esibhedlela iTembisa.

Kusuke umsindo emuva kokuvela kwe-video eyashuthwa ngo-2023, eveza uRamaphosa emi ngaphandle kwalo muzi. Kule video wayenoMnuz Jomo Sibiya, owayengumeluleki wakhe kodwa manje oseyiPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni wabaSebenzi, umsakazi we-Metro FM uThabo Molefe odume ngelikaTbo Touch, noMbhishobhi uNoel Jones waseNorth America.

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers

Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, esithangamini nabezindaba eziNdlini zoMbuso izolo, uthe umengameli ujwayele ukusebenzisa lowa mgwaqo uma elula izinyawo.

Uthe njengoba kuyinto eyaziwayo ukuthi uyathanda ukulula izinyawo, ujwayele ukuhamba kuwona ngoba useduze nomuzi wakhe.

"Ngosuku okwathathwa ngalo i-video, wayelula izinyawo noSibiya. UTbo Touch wababona wase emisa imoto, wehla wakhuluma nabo. Lowa muzi wawulungiswa ngaleso sikhathi, futhi wayengazi ukuthi okaMaumela. Akanabo ubudlelwano noMaumela, wayeshade nobabekazi wakhe eminyakeni edlule," kusho uMagwenya. 

Uthe ngisho izimoto zikamengameli zijwayele ukuhamba kulowa mgwaqo ngoba unomuzi eHyde Park. Kwayena uthe uyawusebenzisa umgwaqo uma eya emzini kaRamaphosa. 

Uchithe nokuthi ujwayele ukubonakala ephuma emzini kaMaumela.

"Bambalwa abantu abambona cishe njalo umengameli. Asebenza nabo ezindlini zoMbuso ikakhulu labo abasebenza eduzane naye, abaholi abaphezulu be-ANC, onogada bakhe kanjalo nomndeni wakhe. Ujwayele ukuya emzini kadadewabo eSoweto, kanjalo nowomngani wakhe wakudala," usho kanje.

Uthe ngesikhathi ethatha izintambo ekubeni yiPhini likamengameli wezwe, wabiza umndeni wakhe wawutshela ukuthi ungenzi imisebenzi nohulumeni.

"UMaumela wayengekho kulowo mhlangano ngoba akasondelene nomengameli. URamaphosa nguyena owajuba iSpecial Investigating Unit, ukuthi iphenye izinto ezenzeka esibhedlela iTembisa njengoba kunguyena kuphela ogunyazwe ngumthetho," kusho uMagwenya.