Izindaba

Unqatshelwe ibheyili owachithwa nawumndeni

Zimbili Vilakazi|Published

enkantolo

Image: sigciniwe

IMBUZE ukuthi uma ingamdedela ngebheyili ikephi lapho azophuma ayohlala khona njengoba engafunwa ngisho nawumndeni, imnqabela ibheyili imantshi, owesilisa osolwa ngokubulala ngesihluku umfowabo.

Umsolwa, uMnuz Mlondi Sanele Nzama (25), okuthiwa uneziqu ze-Engineering zaseMangosuthu University of Technology (MUT), ubefaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, izolo. 

Usolwa ngokugwaza ephindelela umfowabo, uMnuz Mzamo Lungani Nzama (35), ngoSepthemba 9, nonyaka.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka ekhaya lalezi zelamani kwa-F, eMlaza.

Ummeli kamsolwa obesevela okwesithathu, uNksz Dlamini, uveze ukuthi usebuye washintsha umqondo, wafuna ukufaka isicelo sebheyili.

Uveze ukuthi usenalo elinye ikheli laseMzinyathi, eNanda, angaphuma ayohlala kulo uma kungenzeka adedelwe ngebheyili.

Kuvele ukuthi leli kheli elalapho okuhlala khona unina obazalayo.

Umshushisi, uMnuz Lungelo Mkhithi, ngesikhathi ebeka awakhe amaphuzu okuphikisa isicelo sebheyili, ubuzisise ukuthi leli kheli elishiwo nguNksz Dlamini, kungabe elalapho okuhlala khona unina wezelamani ongafune kuzwa lutho ngomsolwa?

“Unina kamsolwa wayekhihla isililo ngesikhathi umsolwa egcina ukuvela enkantolo. Walibeka ngesihloko elokuthi akafune lutho oluzomhlanganisa nomsolwa, wathi ngeke akwazi ukuhlala nomsolwa emzini wakhe. Ngabe ilona lelo kheli umsolwa akhuluma ngalo?” kubuza uMkhithi.

UNksz Dlamini uphendule ngokuthi unina kamsolwa angabizwa njengofakazi kulesi sicelo sebheyili, wakhuza ibhadi uMkhithi.

UMkhithi ugcizelele eyokuthi ngokophenyo lwamaphoyisa, umsolwa akanalo ikheli angaphuma ayohlala kulo uma engadedelwa.

“Ngoba nakwelakwa-F ngeke ayohlala kulo, linofakazi, abazibonela ngawabo egwaza umufi njengoba amgwaza emini kwabha,” kusho uMkhithi.

Ushayele isipikili sokugcina ebuza ukuthi uma imdedela ngebheyili inkantolo, ngabe ihlose ukudweba siphi isithombe emndenini, kofakazi nasemphakathini?

Imantshi uMnuz Kheswa igcine imnqabela ibheyili.

“Leli cala libucayi. Angazi kungani wakhetha ukugwaza umfowenu. Awufuneki kwa-F lapho obuhlala khona, nomama wakho oseMzinyathi, uziqhelelanisile nawe. Ngiyakunqabela ibheyili ngoba angazi uzotholakala kanjani uma usufuneka,” kusho uKheswa. 

Ngesikhathi uMkhithi efuna isitatimende esifungelwe esibhalwe umphenyi wecala, kuvele ukuthi ngosuku lwesigameko umufi wayehleli nabangani bakhe egcekeni ngesikhathi kufika umsolwa.

Kuthiwa umufi wayekhiyile endlini njengoba umsolwa ayesanda kuntshontsha i-battery yemoto kamngani wakhe. 

Kuthiwa wamtshela ukuthi endlini uvalele leso sizathu.

“Umsolwa akazange azihluphe ngokuphendula, wavele wahamba waya kamakhelwane, wabuya esephethe ummese, wangenela ngawo umufi,” kusho isitatimende.

Kuvele ukuthi waqhubeka nokumgwaza ngisho esebaleka, kwavela nokuthi isigameko senzeka phambi kwabantu njengoba umufi wayehleli nabangani bakhe.

Umufi kuthiwa washonela esibhedlela. 

Icala lihlehliselwe uNovemba 27.