Izindaba

Isukunyelwa nayiPhalamende eyabasebenzi abayizipoki eKZN

Mhlengi Shangase|Published

imali iphelela ezipokini eKZN

Image: SIgciniwe

IZOBEKWA ezithebeni zePhalamende eyabasebenzi abayizipoki KwaZulu-Natal, njengoba ikomiti loMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, lihambele kulesi sifundazwe ukuzothola kabanzi ngokwenziwa nguhulumeni wesifundazwe, ukukhuculula ezabasebenzi.

Amalungu aleli komiti atheleke esifundazweni kusuka namhlanje kanti azohlala kuze kube uLwesihlanu.

Usihlalo wekomiti, uMnuz Jan de Villiers, uthe bafuna ukuthola kabanzi ngale nkinga yalaba basebenzi kuhulumeni wesifundazwe.

Uthe ngaso sonke isikhathi bahlale befuna kube nokuphathwa okuqotho kuhulumeni yingakho befuna ixazululeke le nkinga.

"Kulolu hambo sizohlangana neminyango ehlukene kahulumeni kanjalo nePublic Service Commission. Sizophinde sihlangane noNdunankulu wesifundazwe (uMnuz Thami Ntuli), ukuthola kabanzi ukuthi uhulumeni ubhekene kanjani nenkinga yezipoki zabasebenzi. Sifuna ukwazi ukuthi izipoki zinomthelela ongakanani esabelwenimali sesifundazwe," usho kanje. 

Iyindaba egudwini eyabasebenzi bahulumeni abayizipoki esifundazweni. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnyango wezeMfundo eKZN, uqala uhlelo lokubheka abasebenzi abayizipoki, ikakhulu kwezeMfundo.

Lokhu kwenziwa ngenxa yezinselelo zemali ezibhekene nalo mnyango.

Lolu phenyo ngezipoki lwesekwa ngisho nawuNtuli, uMnyango kaMgcinimafa esifundazweni kanjalo noMnyango weMfundo eyisiSekelo esifundazweni. Kuzokhucululwa i-persal ukuze kuphume labo okungamele bakhokhelwe. Okunye okuzobhekwa kulolu cwaningo lomnyango, abafundi abayizipoki ngenhloso yokwehlisa izindleko ezibhekene nowezeMfundo.

Uthe bafuna ukuthola ukuthi lukhona yini uzinzo eminyangweni ehlukene nokuthi lukhona yini uhlelo lokubheka ukuthi abasebenzi bayazikhandla emsebenzini wabo.

"Uhlelo lokubheka ukusebenza ngokuzikhandla kwabasebenzi lusingethwe yizinhloko zeminyango. Sizobheka nezinhlelo ezikhona zokubhekana namacala okuqondiswa ubugwegwe kwabasebenzi, nendaba ethinta ukuphenya impilo ewubukhazikhazi ephilwa abasebenzi bahulumeni." 

Okunye leli komiti elizokuthola kuNtuli ngukuthi zihamba kanjani izinhlelo zezinguquko kusetshenziswa ubuchwepheshe kuhulumeni.

"Sizohambela nezinye izindawo ama-Thusong Service Centres eMpendle naseMnini, ukuze sithole ukuthi ziyahambisana nemigomo yokubeka phambili abantu, iBatho Pele. Sizohlola nendaba yolayini abade kulezi zindawo." 

Ihlale ikhulunywa indaba yokuthi kubhekwe indlela abaphila ngayo abasebenzi bahulumeni, abanye abasolwa ngokuthi bathola amathenda kuhulumeni.