ISIKHULU esiphezulu somkhandlu Umalusi uDkt Mafu Rakometsi
Image: Oupa Mokoena/ Independent Newspapers
BAZOBA senkingeni othishanhloko abasebenzisana nabahloli abavimba abafundi bakwa-matric, ukuthi babhale zonke izifundo zabo ngoba befuna izikole zingehlelwa yizinga lokuphasa.
Labo thishanhloko bafuna izikole zabo zihlale zinconywa ngokuthi zithola imiphumela emihle kwa-matric ekubeni bevimba abafundi abasuke bengabathembi ukuthi babhale zonke izifundo.
Isexwayiso sikhishwe ngumkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lemiphumela kuleli okubalwa neka-matric, Umalusi esithangamini nabezindaba izolo njengoba kuqala izivivinyo zaleli banga ngesonto elizayo.
UDkt Mafu Rakometsi, isikhulu esiphezulu salo mkhandlu, uxwayise abenza lo mkhuba wokuvimba abafundi ukuthi babhale ukuthi bagawule babheke.
"Yicala elibomvu ukuthi ungavimba abafundi ukuthi babhale ngoba ufuna ukuthi isikole sakho sihlale sithola imiphumela emihle. Abapheze othishanhloko ukuvimba abafundi besebenzisana nabahloli ukuze izikole zabo zihlale zinconywa," usho kanje.
Uthe abenza lokhu kumele babikwe emnyangweni, ukuze bathathelwe izinyathelo ezinqala.
"Abazali nabafundi kumele bababike emahhovisi aseduzane omnyango. Uma bengasizakali kumele baye ehhovisi lesifundazwe, nakhona uma bengalutholi usizo baye kuzwelonke. Akumele kuvinjwe umfundi ukubhala ngoba kuthiwa uzokwehlisa izinga lokuphasa esikoleni."
Uthe okunalokho othishanhloko kumele bameseke lowo mfundi ngokuthi bamfundise ukuze aphase kahle.
Ukhuze nemiphakathi enganeme ngokuthile ukuthi ingadubeli ezivivinyweni zika-matric.
"Kuwumsebenzi wethu sonke ukuqinisekisa ukuthi abafundi abaphazamiseki uma sebebhala. Kuyawulimaza umqondo womfundi ozimisele ngokubhala ukuthola kuvutha ithayi, kuvalwe umgwaqo kuthiwe ngeke abhale ngenxa yesiteleka."
Uxwayise nabafundi abazobhala ukuthi bangalinge bazibandakanye nezinto ezingalungile ezifaka nokukopela.
"Ukukopela kubeka engcupheni izinga lezivivinyo. Sixwayisa abafundi ukuthi bangalingeki bese bekopela. Sithanda ukuxwayisa nabanye othisha, ukuthi mabayeke umkhuba wokusiza abafundi ngezimpendulo uma sekubhalwa."
Uthe bazojuba abamele lo mkhandlu ukuyoqapha ezikoleni uma sekubhalwa.
"Kunezikole esizoziqapha ngelokhozi ngoba kuyaziwa ukuthi zingase zikopele. Sizojuba abantu abangenabudlelwano naleso sikole ukuyoqapha izivivinyo. Asifuni kube nento ezobeka engcupheni izinga lika-matric. Ukukopela noma ukukopelisa abafundi yicala elibi kabi," usho kanje.
UDkt Mary-Antoinette Dliwayo, isikhulu esiphezulu salo mkhandlu, uveze ukuthi bangu-766,543 abafundi abazobhala izivivinyo ngokugcwele ngaphansi komnyango weMfundo eyisiSekelo.
Bangu-17,896 abafundi abafunda ezikoleni ezizimele abazobhala.
"Bangu-137,018 ababhala ngasese u-matric. Sebebonke abazobhala ngokugcwele nangasese ngaphansi komnyango weMfundo eyisiSekelo bangu-903,561. Bonke laba bafundi sebezitholile izincwadi zabo eziveza ukuthi bazobhala."
Uveze ukuthi kunalabo abazobhala uN3 ngaphansi koMnyango weMfundo ePhakeme esingakaziwa isibalo sabo.