Izindaba

Baningi abahola eyezibonelelo abaphenywayo kwaSassa eKZN

Mhlengi Shangase|Published

ISASSA iphenya inqwaba edla eyezibonelelo bume

Image: Sassa

BANGAPHEZU kuka-100 000 abahola izibonelelo zikahulumeni KwaZulu-Natal, okusaqhubeka uhlelo lokucubungula ukuthi kumele baqhubeke yini bazihlomule noma isimo sabo sezezimali sesishintshile, akusamele bahole.

Lokhu kuvezwe yikomiti loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ePhalamende, elivakashele kulesi sifundazwe kuleli sonto.

Usihlalo wekomiti, uNksz Bridget Masango, uthe bathole umbiko ngezinto ezehlukene njengoba behambele esifundazweni.

Uthe omunye wayo owophenyo oluqhubekayo lokubuyekezwa kwabangu-184, 828 abahola izibonelelo zakwaSassa esifundazweni.

"Sithole ukuthi kusaphothulwe uphenyo ngabangu-77, 287 kanti kusasilele abangu-107, 541. Kulolu phenyo kukhona namagama avela ohlwini lwama-credit bureau, oluveza ukuthi banezikweletu. Manje kubhekwa ukuthi ngabe isimo sabo esithinta ezezimali kasishintshile selokhu baqala ukuhola izibonelelo?" usho kanje.

I-Sassa yenza lolu cwaningo nje, kwavela ukuthi abanye abahola izibonelelo bavela njengabantu abanezikweletu.

Abanye bayingxenye yabantu abakuma-credit bureau, okusho ukuthi kungenzeka sebeyasebenza kodwa bayaqhubeka nokutamuza imali kahulumeni, ehlose ukusiza abahlwempu.

"Kutshalwe abasebenzi abangu-38 esikhungweni esigcina ulwazi ukuze babhekelele la macala alabo okubhekwa indaba yezibonelelo zabo," usho kanje.

UNksz Masango, uthe bathole nombiko mayelana nokushintshwa kwendlela yokubhaliswa kwabahola izibonelelo kusetshenziswa ubuchwepheshe.

"Inhloso ngukuthi yonke into kumele ihambisane nesikhathi nobuchwepheshe besimanje. Yingakho kunezinhlelo eziqhubekayo zokuthi kubhaliswe abantu kusetshenziswa ubuchwepheshe." 

Uveze nokuthi sekuqeqeshwe nabasebenzi ababalelwa ku-900, ohlelweni lwezobuchwepheshe emahhovisi eSassa. 

Namhlanje, ikomiti lihambele eThekwini lapho liqhubeka nomsebenzi walo wokuhlola isimo esifundazweni nokuzwa izikhalazo zabantu ngezithinta izibonelelo.