Umnyango wezemfundo uvikela izingane zabokufika ezingenawo amaphepha
Image: Sigciniwe
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo umile ekutheni kuyilungelo elikuMthethosisekelo ukuthi bonke abafundi kumele bamukelwe ezikoleni benezitifiketi zokuzalwa noma bengenazo.
Umnyango uthi kanjalo nabafundi abahlala kuleli kodwa bevela kwamanye amazwe, banelungelo lokuthi bathole imfundo ngisho noma kuthiwa abanawo amaphepha aqondile okuba kuleli.
UMnuz Lukhanyo Vangqa wezokuxhumana emnyangweni, uthe kunemibiko esabalele engamampunge, eveza sengathi bachitha abafundi, ikakhulu abangenazo izitifiketi zokuzalwa noma abakuleli bevela kwamanye amazwe abangenawo amaphepha aqondile.
Uthe le mibiko ithi kubafundi bakwamanye amazwe kudingeka isitifiketi sokuzalwa salapho bevela khona noma i-passport.
"Asikubeke kucace ukuthi akekho okumele angavunyelwa ukufunda ngenxa yokuthi akanazo lezi zimfanelo. Umthetho wezikole ukubeka kucace ukuthi othishanhloko yibona okumele basize abafundi bakwazi ukuthola lezi zimfanelo besebenzisana nabazali babo kodwa kumele bamukelwe ezikoleni," usho kanje.
Uthe bazimisele ukuvikela abafundi bengumnyango ukuthi baphephe ezikoleni zakuleli.
"Akekho umfundi okumele ahlukunyezwe noma akhishwe inyumbazane ngoba engenazo izimfanelo. Kungamanga ukuthi ngeke bamukelwe abangenazo izimfanelo zokuba kuleli."
Uthe ngisho isigatshana 5 (1), somthetho wezikole siyakucacisa ukuthi bonke abafundi kumele bathole imfundo ngisho noma kuthiwa abazikhiphanga izimfanelo ezifana namakhadi omgomo, izitifiketi zokuzalwa noma omazisi.
Uthe abasabalalisa ulwazi olungekho bazama ukuvimba abafundi abakuleli ngokungemthetho.
Kuzokhumbuleka ukuthi izinhlangano ezifana ne-Operation Dudula, zilwa nokuthi abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho bathole usizo ezikhungweni zezempilo, ikakhulu eGauteng.
NaKwaZulu-Natal kunenhlangano iMarch and March, nayo engahambisani nokuthi abakuleli ngokungemthetho bathole usizo kulezi zikhungo.
Ngonyaka ozayo, uma sekuvulwa izikole kunokwesaba ukuthi mhlawumbe lezi zinhlangano zizogasela ezikoleni, ziyolwa nokwamukelwa kwabafundi abakuleli ngokungemthetho.
Kwenzeka lokhu nje, iminyango ehlukene kahulumeni okubalwa owezeMfundo nowezeMpilo ihlale ikhala ngokushoda kwesabelomali.
Kwezemfundo abafunda ezikoleni okungakhokhwa kuzona imali yokufunda bathola izincwadi ne-stationery mahhala. Bahlomula nasohlelweni lokudla kwansuku zonke ezikoleni. Kunokukhala kwezinye izinhlaka zomphakathi ukuthi kumele izinsiza zakuleli zitholwe abantu bakuleli ngoba ziyashoda.
Related Topics: