Izindaba

Zikhala ngokubangisana nomphakathi ngezinsiza izimantshi ezihola amakinati

Zimbili Vilakazi|Published

EMINYE yemibhalo ezingqwembeni ebeziphethwe yizimantshi ibithumela umyalezo wokuthi akuhlonishwe umsebenzi wazo ngokuthi kukhushulwe imiholo yazo

Image: TUMI PAKKIES

OKUSHAQISAYO kuvela ukuthi ezinye zezimantshi eNingizimu Afrika zibanga nomphakathi amatekisi nezibhedlela zikahulumeni.

Lokhu kuvele ngesikhathi izimantshi zinombhikisho onokuthula ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo ngesikhathi sekhefu lokudla emini.

Ngokusho kweMantshi uMnuz Scelo Zuma, obemele umengameli wenhlangano ebhekela izidingo zezimantshi, iJudicial Officers Association of South Africa (Joasa) sibi isimo izimantshi ezibhekene naso ngenxa yokuhola amakinati.

IZIMANTSHI zibambe umbhikisho onokuthula ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini zikhala ngamaholo angagculisi

Image: TUMI PAKKIES

Utshele abezindaba ukuthi bagcine bekhetha ukuthatha igxathu lombhikisho ngoba sekuyiminyaka izikhalo zabo ziwela ezindlebeni ezingezwa. 

Uthe iphelile iminyaka engu-17 belwela ukwenyuka kwemiholo yezimantshi, wathi uma ekhumbula kahle, zagcina ukunyuselwa imiholo ngo-2007.

“Isimo sibi ngendlela yokuthi abanye bethu uma begula balala ezibhedlela zikahulumeni. Abanye beza emsebenzini ngamatekisi,” kusho uZuma.

EMINYE yemiyalezo ezingqwembeni ebeziphethwe yizimantshi ngesikhathi zinombhikisho onokuthula mayelana namaholo

Image: TUMI PAKKIES

Uthe lesi yisimo esibeka impilo yabo engcupheni njengoba umsebenzi abawenzayo uyingozi.

“Sithatha izinqumo ezingehli kahle kwabanye abantu. Ukulala ezibhedlela zikahulumeni nokugibela amatekisi, kubeka impilo engcupheni,” usho kanje.

Uthe njengoba imiholo yabo imincane, nemihlomulo ebalulekile abayitholi. Kuyona ubale yona i-medical aid, isibonelelo sendlu, esemoto kanjalo nekhadi likaphethroli.

“Siphila ngomholo omncane kuphela nawo okufanele siwunwebe ukubhekela zonke izidingo zethu, okubandakanya nokuphepha kwethu,” usho kanje.

Uthe okunzima wukuthi ngale komsebenzi omningi abawenza phakathi nezinsuku, kuphinde kube khona ezinye izikhathi lapho bephoqeleka ukuthi basebenze nangezimpelasonto, nokuphenduka ize leze njengoba engekho noyedwa okuqaphelayo ukuzikhandla kwabo.

Ukhale ngokuthi sekuneminyaka kukhishwa imibiko unyaka nonyaka enezincomo zokuthi kufanele imiholo yabo inyuswe njalo ngonyaka kodwa kungenzeki.

Uthe okunye abafuna kulungiswe wuhlaka lwezobulungiswa, kwazeke ukuthi luyabasebenzela nabo beyizimantshi.

“Izimantshi zishiyeka eceleni. Kungaqondakali ukuthi zingena ngaphansi kwaluphi uhlaka ngoba uma siya ehhovisi leNhloko yamaJaji, sikhonjwa kwelikaNgqongqoshe wezoBulungiswa. Uma sesiya khona, siphinde sikhonjwe emumva. Ihhovisi likamengameli wezwe, sifuna liyilungise le nto,” kusho uZuma. 

Wenze isibonelo sokuthi amajaji ahola imiholo ephezulu kakhulu kuneyabo ekubeni benza umsebenzi omningi kunowawo, kokunye benze ofanayo.

IZIMANTSHI zikhethe ukushona emgwaqweni zilwele imihlomulo engcono

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

“Izimantshi ezisebenza ezinkantolo zesifunda, ziyabakhipha odilikajele, ziyawengamela amacala okubulala, awokudlwengula nawokubanjwa kwenkunzi kodwa igebe likhulu kakhulu,” usho kanje. 

Ubalule nokuthi izimo ababuye basebenze ngaphansi kwazo zinzima. Enza isibonelo uthe, yena izolo usebenze engenalo ihhovisi.

“Kuphoqeleke ukuthi ngisebenzise ithoyilethi elisetshenziswa wumphakathi, okuyinto eyehlisa isithunzi ukuthi imantshi itholakale intaza emaphaseji, ingazi nokuthi isikhwama izosibekaphi. Sithembe ukuthi nabaphethe bazokubona ukuthi kube kubi kangakanani ukuthi babeke imantshi kulesi simo engizithole ngikuso,” kusho uZuma.

Enye iMantshi ezwakalise ukukhathazeka kwayo nguMnuz Mondli Nhlangulela othe abakwazi ngisho nokukhokhela izingane emanyuvesi. 

“Uma ukhokhele umuzi nemoto, kusuke sekuphelile. Awusakwazi ukukhokhela ezinye izindleko zokuphila,” kusho uNhlangulela.

Uthe iholo eligcina liza kubo libalelwa kuR42 000 ngesikhathi elamajaji liphindwaphindwa kabili kwelabo.

IZIMANTSHI zibhikishela amaholo amancane ngaphandle kwenkantolo yaseThekwini izolo

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

Udalule ukuthi ezinye izimantshi yikho zizgcina sezingaphansi kwengcindezi yokwamukela intshontsho ngoba azivumelekile ukuba nelinye ihoto eceleni ukuze zibhekele izidingo zazo.

Bathe isazosabalala iNingizimu Afrika yonke imibhikisho yabo njengoba nabanye ozakwabo beveze ukuthi bazobajoyina ngezikhalo ezifanayo.

IZIMANTSHI zikhethe ukubhikisha zikhala ngokuthi sekuyiminyaka engu-17 zilwela ukuhola kangcono kodwa zishaywa indiva

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers