Isikhali esisetshenziswe umbulali
Image: Sigciniwe
UBELOKHU ezulazula nohalakasha lommese eduze kwesidumbu owesilisa okhonza ebandleni lwakwaShembe, okuthiwa ugwaze wabulala umngani eMhlasini, eVerulam, ngoMgqibelo.
Kulesi sigameko okuthiwa senzeke ngezikhathi zokuhwalala, kushone ngesihluku uMnuz Sphiwe Nonhlanga ongowokudabuka eBizana, e-Eastern Cape.
Ekhuluma neSolezwe izolo, umfowabo uMnuz Thando Nonhlanga, uthe ngesikhathi bebizelwa endaweni yesigameko, bafice umsolwa ehla enyuka nommese, umufi esevele esethule.
“Ummese wakhe ubelokhu ewuphethe ngesandla, ehla enyuka eduze kwesidumbu. Uze wawubeka phansi ngesikhathi sekufika amaphoyisa, emyalela ukuthi awubeke phansi,” kusho uNonhlanga.
Uthe bathole ukuthi emva kokwenza isigameko, uvele wayalela zonke iziqashi ukuthi ziphumele ngaphandle komuzi, wase esala yedwa nesidumbu.
“Besidindilize eduze kwegumbi lakhe aliqashile njengoba behlala bodwa beyiziqashi endaweni yesigameko,” kusho uNonhlanga.
Uthe bebuza ukuthi bekwenzenjani, batshelwe ukuthi umsolwa, umufi nentombi yakhe bebehleli emnyango, bephuza.
“Kuthiwa umfowethu uxabane nalona wesifazane, wagcina eselwa nomsolwa, okuthiwa ubezama ukubalamula,” usho kanje.
Uveze ukuthi kuthiwa bagcina bengena emiqashweni yabo ngokwehlukana, akwazeki ke ukuthi babuye baphuma nini futhi njengoba umsolwa egcine esegwaza umufi inqwaba yamanxeba, embulala.
Uthe okubaxakile ukuthi ngesikhathi izihlobo kanjalo namaphoyisa efika endaweni yesigameko, lona wesifazane okuthiwa ingxabano isuke ngaye ubengasabonwa nangokhalo.
“Asiyificanga thina intombazane, bese sizwa nje ngendaba ukuthi ibikhona,” kusho uNonhlanga, othe bewumndeni abamazi nokumazi lona wesifazane.
Uthe abangakusho okwamanje ukuthi bashaqekile futhi kusenzima ukukholwa okwenzekile. Uthe abakazophawula ngokuthi hlobo luni lobulungiswa olungabathoba amanxeba.
Uthe umufi ubewumsizi womshayeli embonini yamatekisi, waveza ukuthi wafika eThekwini, ngo-2019, esuka eBizana, ukuzozama amatoho. Uthe kusukela afika, ubelokhu ehlala eVerulam.
Enkundleni yokuxhumana iFacebook, abantu bebebabaza isihluku esenziwe umsolwa okuthiwa wenze umuga "elamula".
Iningi lizwakalise ukuthi ubevele enezinhloso zokumbulala umufi ngoba akekho umuntu ongagwaza umuntu amanxeba amaningi kangaka, uma inhloso bekuwukulamula kuphela.
Basole ukuthi ubevele ewumngani ongalungile, onento ecashile ayizondela umufi, elinde ithuba ukuze amenzakalise.
Babaze nesihluku sakhe, bethi ubehlose ukumqeda njengoba bekusabonakala isicubu senyama yomzimba kamufi ngasesiphathweni sommese, bebabaza ukuthi kukhombisa ukuthi ubewufaka wonke enyameni kumufi.
Babuye bababaza nokuthi wenza wonke lo monakalo ekubeni engumuntu okholwayo.
Police comment…