Inkulisa
Image: Sigciniwe
LIVELE lagcwala umoya ibhantshi kuthisha osolwa ngokuba budedengu enkulisa okwashona kuyo ingane eneminyaka emithathu ngenyanga edlule.
Lokhu kuze emva komhlangano wabaphathi bezinkulisa obuseThekwini izolo.
Esigamekweni esenzeka ekuqaleni kusaSepthemba eNomafu Early Childhood Development (ECD) Centre, eNkwali, eLovu, eThekwini, kwashona ingane yentombazane, u-Owethu Mbambo.
Emva kwaleso sigameko, umndeni watshelwa ukuthi umufi wahhukeka ngejakhethi, yamklinya waze washona edlala umshushuluzo nezinye izingane ngesikhathi sekhefu lokudla emini yasekuseni.
Isolezwe likhuluma nomnikazi wenkulisa, uNksz Zandile Hlongwa izolo, uthe isinqumo esithathwe emhlanganweni esokuthi akumiswe uthisha oyedwa.
“Kumiswe owayejutshwe ukuthi agade izingane ngesikhathi zidlala emnyango ngalelo langa,” kusho uNksz Hlongwa.
Ucacise eyokuthi bayisihlanu ababekhona ngelanga lesigameko, kubona wathi kwakukhona othisha ababili abadala, kube khona ababili abasaqeqeshwa bese kuba khona ophekayo ekhishini.
“Laba abasaqeqeshwa akubona abantu esihlale sinabo, bafika nje uma bezofunda umsebenzi. Nakuba babekhona kodwa okulindeleke ukuthi benze umsebenzi wabo yilaba abadala abasebenza ngokugcwele,” kuchaza uNksz Hlongwa.
Uveze ukuthi nakuba bethathe isinqumo sokungamxoshi lo owesibili njengoba yena ayematasa ngaphakathi emakilasini kodwa uvele waziyekela yena.
“Ungithumele umyalezo izolo (esho ngoLwesibili), ebika ukuthi uyayeka ukusebenza. Ugcizelele ukuthi uma kwenzeka edingeka ukuzocacisa okuthize ngesigameko, uyoza,” kusho uNksz Hlongwa.
Uthe lokhu kusho ukuthi kufanele athole abanye othisha masinyane abazobamba kuze kusongwe unyaka ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuthi kuqashwe abanye kahle ekuqaleni konyaka ozayo.
Ethintwa unina kamufi, uNksz Lindiwe Mbambo ngalokhu uthe akanankinga nokuthi kukhona oxoshiwe kuphinde kubekhona othe akasabuyi.
“Ngoba angazi ukuthi nguyena bani phakathi kwabo owaba nephutha. Yize ingasangithinti kangako le nto ngoba eyami ingane ayisekho, kodwa bekufanele bahambe vele, (uNksz Hlongwa) aqale kabusha inkulisa ngothisha abasha,” kusho uNksz Mbambo.
Uphinde wakhala ngamaphoyisa, ethi umndeni uye esiteshini saseManzimtoti ngoLwesibili uyobuza ngenqubekela phambili yophenyo wafike watshelwa ukuthi kusekhona izitatimende ezisashoda njengoba kungakabi yibo bonke othisha asebefikile ukuzozibhala.
Ubuze ukuthi umthetho awusho yini ukuthi amaphoyisa, wona anezinsizakusebenza, kufanele kube yiwo aya kubantu ukuyoqoqa ubufakazi?
"Okusho ukuthi uma kuphela izinyanga eziyisithupha bengenayo imali yokugibela baye esiteshini, necala lizoma," kusho uNksz Mbambo.
Related Topics: