Izindaba

Siyalezele kwanganakwa isitshudeni sase-UKZN esizibulele

Zimbili Vilakazi|Published

ISITSHUDENI esizibulele uSboniso Ndlovu

Image: SITHUNYELWE

SITSHELE ezinye izitshudeni ebusuku ngeSonto, ukuthi mhlawumbe zizovuka zizwe okunye, isitshudeni saseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, i-UKZN, esitholwe silenga egumbini lokugeza endaweni ezimele ehlala izitshudeni, iStratford, emakethe, enkabeni yeTheku ngoMsombuluko.

USboniso Ndlovu (21) ongowokudabuka eZibayeni, eHluhluwe, obenza unyaka wokugcina ezifundweni zobuthishela utholwe elenga ngekhothenge. 

Ngokusho kukayise, uMnuz Thokozani Zungu, okhulume neSolezwe izolo, ngesikhathi befika kule ndawo bathole ukuthi ngobusuku umufi agcinwe ukubonwa ngabo ephila, wayekade ebuka umdlalo yendebe yomhlaba phakathi kweNingizimu Afrika, Amajita ne-USA.

“Bathi wabashiya ngesikhathi sekhefu, wathi useyolala. Kuthiwa wabatshela ukuthi mhlawumbe kusasa bazozwa okunye, wase ehleka kancane, wahamba,” kusho uZungu othe izitshudeni azizange zicabangele ekutheni usho ukuthi uzozikhunga. 

Uthe badunguza ebumnyameni ngembangela yokuzibulala kwendodana yakhe.

“Akukho ngisho incwadi ayibhalile echazayo ukuthi yini le ebese imkhathaze umoya ngale ndlela. Siyazibuza siyaziphendula ngoba nasocingweni lwakhe akukho esikutholayo,” usho kanje.

Uveze ukuthi isitshudeni adabuka naso eZibayeni, esifunda eFree State, abehlekisana naso sibatshele ukuthi besikhuluma naye ocingweni ubusuku bonke emva kokusithi halamuzi ngokuthi uzozibulala.

“Bahlale ocingweni kwaze kwashaya u-4 wasekuseni ngoMsombuluko, imncenga intombi yakhe ukuthi akagonyuluke ngalokho afuna ukuzibulalela kona kodwa akazange, wathi uma esho izosuke imthathe kancane,” kusho uZungu.

Uthe lesi sitshudeni siphinde samzama ocingweni ngo-6 khona ekuseni, nokuyilapho bese lukhala lodwa, engasaluphenduli, kanti usezibulele.

Uveze ukuthi bengabazali bakhe bebemgcine ngasekupheleni kukaSepthemba, ebavakashele emzini wabo oseMatikwe, eNanda, nakhona akashongo ukuthi kukhona okumkhathazayo futhi wayebukeka esesimweni esikahle. 

“Sihluleka nawukwamukela ukuthi akasekho ngendlela okubuhlungu ngayo,” kusho uZungu.

Uthe kulabo abafisa ukuphumelela enkonzweni yakhe yokugcina, izoba sekhaya eZibayeni, eHluhluwe.

Isitshudeni esihlala endaweni yabafundi okwenzeke kuyo isigameko, esicele ukungadalulwa sithe indawo inezakhiwo ezimbili, esinye sihlala izitshudeni zesilisa, elinye lihlale izitshudeni zesifazane.

Siveze ukuthi umufi uzibulalele egumbini lokugeza abesifazane, ebhilidini lawo. 

“Ngezikhathi zasekuseni, izitshudeni bezifuna ukuyogeza, zizilungiselela ukuya enyuvesi, ziqaphele ukuthi kulokhu kuvaliwe egumbini lokugeza. Zaqale zazitshela ukuthi kukhona isitshudeni (sesifazane) esigezayo ngaphakathi kodwa zaxakwa ukuthi pho kungani singaqedi,” kusho isitshudeni.

Sithe izitshudeni zesifazane zigcine zibhekana zodwa ukuthi ngabe ngubani lo ozibambezela kangaka egumbini lokugeza, zamangazwa ukuthi zonke ziphelele.

“Kube sekugibela esisodwa, salunguza ngewindi sazithela phezu kwakhe elenga,” kusho isitshudeni esithe sicabanga ukuthi umufi ukhethe ukuzozibulalela ebhilidini lezitshudeni zesifazane ngoba lona livame ukuba nokuthula, kanti elezesilisa, akulalwa, ngaleyo ndlela ubezothikamezeka esenzweni sakhe. 

Ubuholi bezitshudeni eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, buthe bukhathazekile ngezehlakalo zokuzibulala kwezitshudeni ezindaweni ezizimele ezihlala izitshudeni.

UMengameli wophiko olumele izitshudeni, iStudent Representative Council (SRC), uSimphiwe Mlondo, uthe nakuba bengakawutholi umbiko ogcwele ngesigameko kodwa kuyabakhathaza ukuthi ziningi izitshudeni ezizibulalayo ezihlala kulezi zindawo.

“Ngonyaka odlule, zingu-11 izitshudeni ezizibulele e-UKZN. Iningi lazo zihlala kulezi zindawo ezingekho ngaphansi kwenyuvezi. Lokhu kuyasikhathaza ngoba ikhona imibiko ebesike siyithole ethi inhlalo ayikho esimweni esikahle kwezinye zazo,” kusho uMlondo.

Usheshe wacacisa ukuthi nokho akasho ukuthi nakulesi sigameko kunjalo.

Uqhube wathi bese bejabula bethi zithe ukuncipha lezi zigameko.

“Njengoba ngonyaka odlule zabalelwa ku-11 izitshudeni ezazibulala, kulo nyaka besithi isimo sesingcono ngoba azizange zibe ningi izigameko zalolu hlobo. Ngicabanga ukuthi lesi esesithathu uma ngingaphazami,” usho kanje.

Uthe abafundi babanayo ingcindezi, wathi phakathi kokunye kuye kube ukufeyila, kulabo abenza imikhakha esengcupheni, wathi nakuba eminye imikhakha ikwazi ukuvumela ukuthi izitshudeni ezisuke zifeyilile zikwazi ukuvuka zizithathe onyakeni ofanayo. Eminye ayikuvumeli nokwenza ukuthi bazithole bengaphansi kwengcindezi abafundi abaye bafeyile izivivinyo ezithize.

Uphinde waveza ukuthi ngokwejwayelekile, izitshudeni ezizibulalayo kusuke kuyamene noxhaso lokufunda oluhlale lunobuhixihixi ekubeni izitshudeni zithembele kulo.

Okhulumela inyuvesi, uNksz Normah Zondo, uthe bathole izindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni komunye wezitshudeni endaweni ehlala izitshudeni engekho ngaphansi kweso lenyuvesi.

“Izimo ezibandakanya ukuzibulala kwesitshudeni ziyingxenye yophenyo lwamaphoyisa. Inyuvesi ngeke iqagele ngemininingwane eholele kulesi sigameko,” kusho uNksz Zondo.

Uthe yize le ndawo ehlala izitshudeni isebenza ngokuzimela, usizo lokwesekwa kwezitshudeni ezikhahlamezekile okufana nokwelulekwa ngokomqondo kanjalo nokunye okuphathelene nesimo somqondo, luyanikezelwa. 

“Sibuhlungu kakhulu ngalesi sigameko futhi sidlulisa okukhulu ukudabuka emndenini wesitshudeni, abangani kanjalo nozakwabo,” kusho uNksz Zondo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseThekwini aphenya idokodo lokufa komuntu kulandela isigameko lapho okutholwe khona owesilisa oneminyaka engu-21 ezilengisile.

“Ubelenga egunjini lokugezela. Imbangela yesigameko iyaphenywa amaphoyisa,” kusho uConst Ngcobo.