ABAFUNDI besikole iThembimfundo
Image: SITHUNYELWE
NGENHLOSO yokubhekana ngqo nenselelo yokufunda inkampani yezimoto, iHyundai Automotive South Africa, seyakhe ubudlelwano obumqoka kakhulu nesikole saseKurhuleni, iThembimfundo Primary School.
OnguMqondisi omkhulu ehhovisi likaNdabazabantu enkampanini iHyundai Automotive South Africa, uNksz Christine Masinga, uthe imhlosongqangi yalo mbhidlango abawufuqayo wukukhuthaza ukuthi kube nesikhathi esanele sokufunda kubafundi. Uthe kumqoka ukuthi abafundi bazijwayeze ukufunda, lokho bakwenze besesikoleni kumbe ke uma besemakhaya: “Inhloso enkulu yalokhu wukuthi sifuna ukwenza ukufunda kube wumkhuba wansuku zonke kungabi nje yinto eyenzeka ngezikhathi ezithile kuphela. Eqhuba uMasinga uthe bazibophezele ekutheni basebenzisane nalesi sikole ezintweni ezahlukene.
Uveze ukuthi abakwenzayo nalesi sikole kuyafana ncamashi nokuhlwanyela imbewu enhle. Uthe bazimisele ngokweseka ukwakhiwa kwemitapo yolwazi kanye nokwesekwa ukukhuthaza ukufunda. Kuzokhumbuleka ukuthi le nkampani yethula ngokusemthethweni umtapowolwazi wakulesi sikole ngoFebhuwari 2023.
Ngokusho kukaMasinga ukufunda kunomthelela omuhle kakhulu futhi kusiza nasekufundiseni ukuxhumana namanye amakhono ehlukile. “Kumele senze konke okusemandleni ethu ngenhloso yokukhuthaza usikompilo lokufunda ebantwaneni. Kumele lube khona uthando lokufunda kubafundi.''
Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi umbhidlango wabo uzokapakela ezikoleni ezahlukene ezikhona KwaZulu-Natal. Uveze ukuthi inkampani yabo kusuka ngo-2013 seyikwazile ukwakha imitapoyolwazi engu-22. Kuzothi ngoNovemba 5 le nkampani yethule omunye umtapowolwazi osezingeni.
Esinye isikole le nkampani ezosebenzisana naso ithe yi-Erasmus Monareng esiseVosloorus. Imitapo yolwazi le nkampani esuke inikela ngayo isuke inezinsiza zeqophelo eliphezulu okubandakanya ama-computer nokunye okuningi. Umsebenzi wokwakhiwa kwemitapoyolwazi usudale indathane yamathuba omsebenzi.
Related Topics: