Izindaba

Kushubile kwababambezele ukukhokhelwa kwabasizi bothisha

Mhlengi Shangase|Published

UNKSZ Siviwe Gwarube uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo

Image: Facebook

KUBASHUBELE abasebenzi boMnyango weMfundo eyisiSekelo, abadale inkinga yokuthi kubambezeleke ukukhokhelwa kwabasizi bothisha ababalelwa ku-150 000 kuleli.

UNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, useyalele ukuthi bafunwe baze batholakale laba basebenzi, ukuze baqondiswe ubugwegwe. 

Lokhu kulandela izikhalo nomsindo ngokuthi laba basizi abakhokhelwanga ekupheleni kwenyanga edlule.

Ekhuluma nabezindaba esithangamini ePitoli izolo, uNksz Gwarube, uthe ukubambezeleka ukufika kwamanye amafayela anemininingwane yabasizi abebeya ezikoleni, yikhona okwenze kwabambezeleka ukukhokhelwa kwabo.

Uthembise ukuthi abanye baqalile ukuyithola imali yabo izolo, kanti abanye kuzoshona elanamhlanje sebeyitholile.

"Siyaxolisa ngokwenzekile. Siyayazi inkinga esiyidalile ngokuthi singabaholeli ngesikhathi. Bekudingeka ukuthi senze ucwaningo ngokuthi bangaki abaya ezikoleni kulaba basizi nabangayi. Besidinga ukuthi sithole ama-rejista ezikoleni ukuze sikwazi ukubona," usho kanje.

Uthe iminyango yezifundazwe iyona obekumele ilethe ama-rejista kanti uphenyo luveza ukuthi amanye awazange alethwe ngesikhathi ebesibekiwe.

"Siyazi ukuthi kunenkohlakalo yingakho besifuna ukubona ukuthi sikhokhela abantu abakhona. Sizobathathela izinyathelo abadale le nkinga emnyangweni," usho kanje.

UMnuz Jomo Sibiya, iPhini likaNgqongqoshe emnyangweni wezabaSebenzi, uthe bebefuna ukuqinisekisa ukuthi abakhokheli izipoki ngemali kahulumeni yingakho bekudingeka ukuthi kwenziwe ucwaningo.

Uthe lolu hlelo lusiza izinkumbi zentsha efaka isandla ezikoleni wathi bekubakhathaza ukuthi ayikhokhelwe ngesikhathi.

"Siyaxolisa kakhulu ngokwenzekile bengayitholi imali yabo ngesikhathi. Besilandela umthetho ngoba ngoJuni luqala lolu hlelo, sibakhokhele kahle bonke abasizi. Bekumele silwenze ucwaningo kulokhu. Bese sikhokha ihlandla lesithathu," usho kanje.

Ibamba likaMqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo uDkt Granville Whittle, lithe babalelwa ku-34 000 abasizi bothisha abathintekile KwaZulu-Natal.

Lithe laba basizi bahola u-R4 000 ngenyanga lathi kwenzeke iphutha elikhulu ngokuthi kubambezeleke ukukhokhelwa kwabo.

"Siyaxolisa kakhulu ngokwenzekile. Siyalivuma iphutha lethu ngoba ama-rejista aphuzile ukufika kithina emnyangweni, bangakwazi ukukhokhelwa." 

UNksz Gwarube uzibophezele ekutheni leli phutha ngeke liphinde lenzeke.

"Sizosebenzisana siyizinhlaka ezehlukene ukuze le nkinga ingaphinde yenzeke." 

Ezinkundleni zokuxhumana bebeveva laba basizi bethi abazi ukuthi bazohola nini. Bese besabise ngokuthi ngeke balubhade ezikoleni ngesonto elizayo uma sezivulwa ngoba kusho ukuthi bazobe benikela.