Kushubile koweba usana lwabaqashi bakhe
Image: Sigciniwe
ULAHLWA nawunina owesifazane osolwa ngecala lokweba ingane yomqashi wakhe ngasekupheleni kwenyanga eyedlule.
Umsolwa uNksz Lungile Mbonambi (35) ongowokudabuka eMandeni, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo, ukuzofaka isicelo sebheyili.
Usolwa ngokweba ingane yomqashi wakhe eflethini elisenkabeni yeTheku, ngoSepthemba 27, 2025. Lokhu kwenzeka ngesikhathi unina wengane esemsebenzini. Lona wesifazane watshelwa indodana (14) yakhe ukuthi umsolwa uhambe ekuseni nengane, wathi uma efonelwa wayengasatholakali ocingweni, kwaze kwafakwa isaziso ezinkundleni zokuxhumana ngengane entshontshwe wumzanyana maqede kwaqhamuka abakubo kwesoka, bethi ingane kayebiwe, ize kubo.
Imantshi uNkk B Vahed imnqabele ibheyili umsolwa ithi uma ededelwa ngebheyili maningi amathuba okuthi abalekele icala.
Unina kamsolwa, uNksz Thembisile Khanyezi exoxa ngaphandle kwenkantolo, uthe ayikho into afuna ukulokhu eyikhuluma “ngesigebengu”.
Uthe akazi ukuthi umsolwa ubesengaphansi kwayiphi ingcindezi aze akhethe ukweba ingane yomuntu.
“Kwamina izingane ezintathu enginazo, okubalwa kuzo naye, ngazithola sengimdala. Sengithukwa nangabantu ngalokho, ngazithola izingane. Naye bengiye ngimtshele ukuthi uzoyithola ingane ngesikhathi esifanele ngoba ingane iyisibusiso esivela kuNkulunkulu,” kusho uNksz Khanyezi.
Uthe umsolwa ungumuntu obuye akhulume amanga futhi oziphatha ngendlela engaqondakali.
Ugcizelele ukuthi ngeke baqinisekise ukuthi uke wakhulelwa noma cha njengoba ebengeyena umuntu okhonze ukubuya ekhaya.
“Simgcine ngoJulayi nonyaka, kungcwatshwa umama. Nakhona wasijoyina esontweni ngosuku lomngcwabo. Mina nje engangiphithene ekhanda angimbonanga,” usho kanje.
Unina wengane wangempela, uNksz Zandile Mhlongo, ukhombise ukumzwela umsolwa ngokungadedelwa ngebheyili.
Nokho ukhale ngokuthi usamethusa namanje umcabango wokuthi ubehleli endlini nomuntu obephezu komqondo wokweba ingane yakhe.
“Indlela ebengimthemba ngayo, bengikhululeka ngaphakathi ngisho ngisemsebenzini, ngize ngingabafoneli nokubafonela ukubabheka ukuthi bakahle yini ngoba bengazi ukuthi ingane yami isezandleni eziphephile ngendlela ebengimbona eyithanda ngayo,” kusho uNksz Mhlongo.
Uthe bese zintathu izinyanga umsolwa ebasebenzela, waveza ukuthi ingane yakhe ibingasalali ngisho nasembedeni wayo, ilala kokamsolwa egumbini lakhe.
“Uthando abenalo kumntanami belwenza ukuthi ngisho sesimholela, simnike imali engaphezu kwale esasivumelane ngayo ngesikhathi efika ezosebenza. Sonke emndenini besingamphathisi okwesisebenzi, ubefana nodadewethu. Ngimkhululekele kakhulu. Ngisho ngiye ezitolo bengibuya nokudla okuvuthiwe,” usho kanje.
UMnuz Simphiwe Qwane - obezitshela ukuthi ingane ngeyakhe - uthe akukho okumthintayo ngokuthi umsolwa unqatshelwe ibheyili. Udadewabo abehamba naye uveze ukuthi naye wake walethelwa ingane eSouth Beach, wathi ubexoxa kwiWhatsApp.
Uthe ngelinye ilanga wamfonela nge-video call phakathi kwamabili, wathi: “Buka ukuthi ingane yakini ingishuka kanjani, ngihleli ebusuku angilele.”
Uthe bebebuye bashaye amakhala ngayo emndenini, abanye bethi ikhanya kakhulu ngebala, ngesikhathi abanye beba nemibuzo ngezimpahla zamagama ebihlale izigqokile kanjalo nekhaya lapho behlala khona.
“Besiye sisho ukuthi le ngane inobaba oyinakekelayo ngoba besazi ukuthi umfowethu akanawo amandla angaka okuthi ihlale igqoke izimpahla zikanokusho futhi ihlala endaweni okubonakalayo ukuthi iphezulu,” kusho lona wesifazane.
Ngaphakathi enkantolo ummeli wakhe, uNksz S Maharaj ngesikhathi efunda incwadi kamsolwa efungelwe, kuvele ukuthi wakhulelwa ngoJanuwari 2024, isisu sachitheka ngoMashi 2024.
Uzikhalele ngokuthi yena wayezivakashelele isoka lakhe, wayengayintshontshanga ingane.
“Futhi ngesikhathi sengifonelwa, angizange ngifihle ukuthi ngikuphi, angizange ngibaleke,” kusho incwadi efungelwe.
Uqhube wathi nengane wayibuyisa ingalimele ndawo.
Umshushisi woMbuso, uMnuz Menzi Sikhakhane efunda incwadi efungelwe yomphenyi wecala, uthe umsolwa angalibalekela icala njengoba wakwazi ukusuka nengane eThekwini adwebe abheke eMpangeni.
Esebeka amaphuzu akhe, uNksz Maharaj, uthe umuntu usuke emsulwa kuze kuba utholwa necala, wathi akekho onobufakazi bokuthi uzobalekela icala.
USikhakhane yena uthe akulona iqiniso ukuthi wabambisana namaphoyisa nomndeni wengane ngesikhathi befuna ukwazi ukuthi ukephi neMpangeni.
"Kwaze kwasiza isihlobo sakubo kwesoka, okuyiso esayalela amaphoyisa ukuthi kukephi nendawo lapho ayekhona,” kusho uSikhakhane.
Icala lihlehliselwe uNovemba 6, 2025.
Related Topics: