KUNCONYWE othisha ngokuyibamba ishisa ezikoleni kugujwa usuku lwabo emhlabeni jikelele
Image: SIGCINIWE
KUNCONYWE ukuzinikela kothisha abasebenza ngaphansi kwezimo ezinzima ezikoleni zaseNingizimu Afrika izolo, kugujwa usuku lothisha emhlabeni jikelele.
Izinhlangano ezehlukene kubalwa nezinyunyana zothisha, zikhulume ngazwi linye ukuthi othisha benza umsebenzi obalulekile nonzima kakhulu. Phakathi kwezimo ezinzima abasebenza ngaphansi kwazo, kubalwa ukufundisa amakilasi agcwele, kwezinye izikole kuba nezehlakalo zodlame kanti kwezinye izindawo babanjwa inkunzi baphucwe izinto zabo.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo kuleli, uNksz Siviwe Gwarube, uthe njengoba bekugujwa usuku lothisha izolo, emhlabeni jikelele, kumele bachonywe uphaphe lwegwalagwala ngomsebenzi abawenzayo.
Uthe bacija imiphakathi babumbe izingane ezincane zizelwe zize zibe wutho emhlabeni.
"Siyabonga ngomsebenzi omuhle eniwenzela isizwe. Anijwayele ukunconywa ngalo msebenzi wenu ofana nobizo. Umsebenzi odinga uthando, ukubekezela kanjalo nokusebenza ngokungenamkhawulo," kusho uNksz Gwarube.
Uthe abanye basebenza kushoda izinsiza kufundisa kwezinye izikole.
"Abanye basebenza ezindaweni okunzima ukufinyelela kuzona kodwa nsuku zonke othisha bayaya ezikoleni. Yingakho siwubonga umsebenzi wabo abawenzayo."
UNksz Ella Mokgalane, isikhulu esiphezulu somkhandlu olawula othisha, iSouth African Council for Educators (SACE), ubonge othisha ngomsebenzi omuhle abawenzayo.
Uthe basebenza ngaphansi kwezimo ezinzima, uthwalo womsebenzi osemahlombe abo besebenza ngaphandle kokukhalaza.
"Nisebenza kunzima kodwa niqhubeke niyibambe ishisa. Siyabonga ngenikwenzayo ngoba kunzima ukwenza lo msebenzi wokuvuka nsuku zonke uyofundisa abafundi abevile ku-70 ekilasini elilodwa," usho kanje.
Uthe noma kungabakhona ubuchwepheshe obusezingeni kodwa akekho ongavala isikhala sikathisha ezikoleni.
Inyunyana yothisha, iSadtu, ithe lolu suku laqala ukugujwa ngo-1994, emva kokuba i-UNESCO ithe kumele kubungazwe umsebenzi omuhle owenziwa othisha.
Ithe lolu suku lugujwa nje ucwaningo lwenyuvesi iStellenbosch, lusanda kuveza ukuthi abanye othisha bacabanga ukulaxaza umsebenzi ngenxa yezimo ezinzima abasebenza ngaphansi kwazo.
"Mningi umsebenzi ababhekana nawo nsuku zonke, amakilasi agcwele, abasekwa ngendlela, kunodlame kwezinye zezikole kanti kuphinde kukhule nenkinga yabafundi abangahloniphi. Noma kunjalo kodwa siyawubonga umsebenzi wothisha wokuyibamba ishisa," kusho iSadtu.
Inxuse umphakathi ukuthi weseke othisha, uhulumeni andise isibalo sothisha aphinde alungise ingqalasizinda.
"Kumele basekwe ngabaluleki bezengqondo othisha. Abafundi kumele bahloniphe benze kube lula kothisha ukuthi basebenze," kuqhuba iSadtu.
Inxuse othisha ukuthi bahloniphe umsebenzi wabo baphinde bayeke nomkhuba wokulala nabafundi.
INaptosa ithe othisha yibona mgogodla wesizwe ngoba yibona abakha amaphoyisa, abahlengikazi, odokotela, onjiniyela neminye imikhakha.
Ithe kumele balulekwe ngokwezengqondo ngenxa yezinselelo abasebenza ngaphansi kwazo nsuku zonke.
Related Topics: