Unobhala jikelele we-ANC Fikile Mbalula
Image: X/ANC
I-ANC isiphumele obala yathi umphakathi wawuzovukela uMbuso ukube uMengameli Cyril Ramaphosa akajubanga ikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe uRamaphosa wayengenayo enye indlela ngaphandle kokujuba uphenyo ngezinsolo zokuthi abanye osopolitiki basebenzisana nezigebengu kanti abanye baphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
"Wayengenayo enye indlela ayengayenza uMatamela. Kwadingeka ajube iKhomishini kaMadlanga, ezibuyela eBrazil. Iyani niyofakaza kuleya khomishini. Makanganisabisi amakhomishini ngoba abalulekile. UMkhwanazi uyiphoyisa elithenjiwe, wavuka wakhuluma nesizwe ngokuthi osopolitiki baphazamisa ukusebenza komthetho. Ukuba akakwenzanga lokhu, abantu babeyovukela uhulumeni bekhala ngokuthi kufuywe izigebengu," kusho uMbalula.
Uthe kumele bathathelwe izinyathelo okuzothinteka amagama abo kule khomishini.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma emhlanganweni wePopcru, inyunyana yamaphoyisa, oqhubeka eBirchwood Hotel, eGoli.
UMbalula uthe amalungu ePopcru anomsebenzi omkhulu wokuqapha ukuthi abantu baphephile.
Uthe ubabonile otsotsi ngesikhathi esaphethe uMnyango wamaPhoyisa.
"Ngibabonile abantu engangibathembile ukuthi bayizigebengu emaphoyiseni. Uma singaba yizwe eliphethwe yizigebengu, abantu bazozenzela umathanda."
Uphawule nangendaba yabafuna ukuthi amaKhomanisi (SACP) ayozimela okhethweni.
"Asikwazi ukujabulela ukuthi amaKhomanisi ayozimela. Kukhona abajabulayo, abathi abahambe. Sizoyixoxa namaKhomanisi eyokubuyekeza amadlelandawonye okuyinto ekhalisa i-SACP. Asifuni ukuthi iphume i-SACP, iyozimela," kusho uMbalula.
Uphawule nangogqingetshe owabakhona kumele kuphasiswe isabelomali sezwe kulo nyaka.
"Ngangicabanga ukuthi kuzobalula ukuphasisa isabelomali. Kwaba nzima, kwama nse yonke into. Eqinisweni, kwathina sasingayixoxanga eyokunyuswa kwentela efakwa uma kuthengwa impahla, iVAT. Yama nse ibhajethi, kwaba nzima. Abathi kulula, baqamba amanga kunzima emnyango," kusho uMbalula.
Usho lokhu nje, amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana, aya nasenkantolo echitha ukunyuswa kweVAT. Uhulumeni wagcina egobe uphondo, wehlela ngezansi wayichitha eyokunyusa iVAT emva kwezikhalo zomphakathi.
Uveze nokuthi kunzima kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu njengoba kudingeka baxoxe ngisho noma befuna ukushintsha izinto ePhalamende.
"Kudingeka sixoxe sivumelane ngayo yonke into kwiGNU. Kudingeka sibhekane noHellen Zille we-DA," kusho uMbalula.
Related Topics: