Izindaba

Awapholi amanxeba emindenini yababulawa ngabesilisa ngesihluku

Zimbili Vilakazi|Published

OWASHONA, uNksz Londeka Mbhele

Image: Sithunyelwe

ISATHIKAMEZEKILE namanje emoyeni imindeni yabesifazane ababulawa ngesihluku ngabesilisa ababaziyo ezigamekweni ezelukene eMthwalume.

Lokhu kuvele engxoxweni Isolezwe elibe nayo neminye yemindeni.

Kusuka ngonyaka odlule, uMthwalume ulokhu uqhubeke njalo nokuba nezigameko ezinyantisa igazi lapho abesifazane bebulawa ngamasoka abo, kokunye benzakaliswe ngomakhelwane babo.

OWABULAWA uNksz Mbali Ndaba

Image: SITHUNYELWE

Phakathi kwezinye zezigameko, uNksz Mbali Ndaba (38) waKwaQwabe Location, waxhimfwa ngetshe, waklinywa, wayophonswa emhosheni wumsolwa (18) bebuya emcimbini endaweni ngoJulayi, kulo nyaka.

Ngesikhathi sesehlakalo, kwavela ukuthi umsolwa nomufi babebanga ukudayiselana ucansi. Kwathiwa umsolwa wahamba wayoziceba emndenini kamufi ukuthi usembulele. 

Kwavela ukuthi baya ocansini besesikhotheni okokuqala, kwathi uma umsolwa esethi abaphinde, umufi wamshintshela wathi uzombophisa ngecala lokumdlwengula, "wavele wabona kungcono ambulale".

OWABULAWA, uNksz Nontando Shozi

Image: SITHUNYELWE

Kwesinye isigameko esenzeka khona eMthwalume, ngoMeyi, kuwo lo nyaka, uNksz Londeka Mbhele (24) owayeneminyaka emibili ephothule izifundo zomthetho eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wagwazwa, wabulawa uyise wengane yakhe esabhiyozela ukunqoba kweKaizer Chiefs nomndeni wakhe. 

Esigamekweni, kuthiwa umsolwa owayeshayela amatekisi KwaSanti, ePinetown, wadweba ngalo itekisi, wayobulala umufi. Kwavela ukuthi wamfonela wambizela ngaphandle kwesango lakubo, wabe esemgwaza. Kuthiwa umufi wabuyela endlini egijima, esopha, esho ukuthi uyise wengane yakhe usemgwazile. Waphuthunyiswa esikhungweni sezempilo esiseduzane, ngeshwa washonela khona. Umsolwa waboshwa emva kokufunwa amaphoyisa esebaleke wabuyela KwaSanti. 

Umfowabo kaNksz Mbhele, uMnuz Sanele Mbhele, uthe udinga usizo lokwelulekwa ngokomqondo njengoba udadewabo agwazwa kukhona yena ekhaya.

“Sasibhiyoza naye, sijabulela ukuwina kweChiefs. Emva kokuphuma isikhashana eya ngaphandle, wabuya esopha. Weza kimina, ecela ukuthi ngimphuthumise ngemoto emtholampilo,” kukhumbula uMbhele.

Uthe uyawukhumbula umzuzu udadewabo engena emotweni opha, maqede wamphuthumisa emtholampilo, nokho wafike waphelela ezandleni zabahlengikazi.

Uveze ukuthi indodakazi (3) kamufi nomsolwa ihlale ibuza ukuthi ukephi unina. 

“Siye siqambe amanga sithi waya eGoli. Samyisa elibeni lakhe, samtshela ukuthi unina uselele la, wathi ngeke ukuba umama ulana,” kusho uMbhele.

Uthe bayakuthola ukwesekwa eMnyangweni wokuThuthukiswa koMphakathi, ikakhulukazi uma beya enkantolo, wathi bayafika bazobeseka.

“Kusenzima kimina, sisahlala sihlale sibuye lesiya sithombe sokwenzeka ngosuku lwesigameko ngoba yimi engangikhona,” usho kanje.

Leli cala belihleli eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh, ngoLwesine. 

Kwesinye, naso esenzeke ngoMeyi, nonyaka, uNksz Nontando Shozi (21) waseCabhane, khona eMthwalume, kuthiwa wabulawa yisoka lakhe ngesando.

Kuthiwa wayelivakashele, kusolwa ukuthi baxabana, lakhetha ukumbulala. 

Unina kaNksz Shozi, uNksz Bongekile Shozi, uthe ugcine esephila ngamaphilisi okulala njengoba evele aqwashe bese kubuya yonke imicabango ngesehlakalo.

“Ngaba wumuntu wokuqala owafonelwa esebulewe. Ngamfica esesimweni esithusayo. Ebusuku buvele buphele ubuthongo, sibuye sonke isithombe salokhu engakufica ngesikhathi ngifika lapho enzakaliswa khona,” kusho uNksz Shozi.

Nakuba egculisekile ngenqubekela phambili yecala enkantolo kodwa uthe usaludinga usizo lokwelulekwa ngokomqondo. Leli cala libuyela eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh, kusasa.

Isishoshovu samalungelo abesifazane enhlanganweni, iWomen of uMthwalume, uNksz Nombuso Sibisi, sithe sebefisa nokuthi kubuyiswe isigwebo sentambo ngenxa yokwanda kwezigameko zokubulawa kwabesifazane ngesihluku kule ndawo.

“Kukhona okufanele uhulumeni akwenze kangcono ngenkinga yalesi sihlava. Okungenani akabuyise isigwebo sentambo,” kusho uNksz Sibisi.

Uqhube wathi okunye okungenziwa wuhulumeni ukuthi limdilikele ngempela ijele lowo osuke elahlwe yicala lokubulala noma elokudlwengula. 

“Ikakhulukazi labo ababulala abantu abasuke bethandana nabo kanjalo nalabo abasuke bedlwengule izingane ezineminyaka engaphansi kwengu-18,” usho kanje. 

Nokho uzwakalise ukuthi bagculisekile ngendlela izinkantolo kanjalo namaphoyisa asewasebenza kahle ngayo amacala alolu hlobo.

Uthe ayanakwa kakhulu manje la macala futhi babambisene kahle kakhulu nabaseshi abasuke bewaphenya. 

Uveze ukuthi baphezu kwezinhlelo zokwenza ingqophamlando yohlelo abazolubiza ngeHealing of Memories oluzosiza imindeni yalabo abathikanyezwa yizigameko ezinesihluku. Uthe kulolu hlelo, bazobambisana nenye inhlangano engenzi nzuzo, iGloves Up kanjalo noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko. 

Uthe abalelwa ku-200 amalungu emindeni akhahlanyezwa yizigameko zokubulawa kwabesifazane ngesihluku. 

Uphethe ngokuthi esinye sezigameko ezabathinta kakhulu, ngesowesilisa owabulala ingane eneminyaka emibili, yatholwa imbozwe ngendishi, edinwa wukuthi unina umalile.