Izindaba

Amanxeba emndenini kamufi kuvulwa inkulisa izimpendulo zingekho

Zimbili Vilakazi|Published

uOwethu Mbambo

Image: SITHUNYELWE

SIQALE phansi sabhibha isilonda emndenini wentombazanyana yaseNkwali, eLlovu, uthola izindaba zokuthi akusensuku zatshwala ivulwe inkulisa okwafa kuyo le ngane. 

U-Owethu Mbambo (3) kuthiwa wabulawa ukuklinywa ijakhethi ayeyigqokile ngesikhathi edlala umshushuluzo nezinye izingane ngoSepthemba 3, nonyaka, eNomafu Early Child Development (ECD) Centre.

Ngokusho komphathi wenkulisa - okuthiwa wayengekho ngesikhathi kwenzeka isigameko - umufi wabanjwa yintambo yejakhethi emqaleni, yamklinya washona.

Kuthiwa wathi isigameko senzeke ngesikhathi sekhefu lokudla kule nkulisa okuthiwa inothisha abayisihlanu, ababheka izingane ezingu-31.

Ngokusho kukanina kamufu, uNksz Lindiwe Mbambo, emva kwesigameko yavalwa inkulisa, kwathiwa izovulwa uma sekwenziwe uphenyo.

“Kubuhlungu ukuzwa ukuthi iyavulwa inkulisa kodwa ayikho inqubekela phambili esiyitshelwayo mayelana nokufa kwengane yami,” kusho uNksz Mbambo.

Ukhale ngokuthi bewumndeni abakaze bazithole izincazelo ezizwakalayo ngokuthi ingane ife kanjani, wathi kukhona uthisha owathi wayekhona yena eduzane ngesikhathi izingane zidlala.

“Umbuzo wethu uthi pho uma wayekhona, kwenzeka kanjani ukuthi angaboni ngokushesha ukuthi ingane isinenkinga? Ngibuza nokuthi zaqhubeka kanjani nokudlala izingane sekukhona ebambekile?” kubuza uNksz Mbambo.

Uqhube wathi zikhona ezinye izinkulumo ezivelayo ngabazali bezinye izingane zale nkulisa.

“Zithi zazidlala zodwa othisha behleli ngaphakathi, kumakhaza. Zithi ikhona eyodwa eyahamba yayobabikela ukuthi u-Owethu uyalimala emnyango kodwa bayixosha,” usho kanje.

Uthe kwamlimaza ukuthi bangagonyuluki, bavume uma baba budedengu. Uthe njengoba isizovulwa, impilo iqhubeke njengenjwayelo, kuyamthunuka yena osalinde ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngengane yakhe efe ngendlela engaqondakali.

Uveze ukuthi bekungekhona okokuqala ingane yakhe ilimala kule nkulisa. 

“Ngonyaka odlule, yabuya ilimele phakathi kwekhala namehlo. Yayinesibazi futhi ivuvukele. Akekho owasichazela ukuthi ilinyazwe yini. Ngakhetha ukuyikhipha. Ngize ngayibuyisela ekuqaleni kwalo nyaka kanti isizovele ife,” kusho uNksz Mbambo othe ngosuku lwesigameko waze wamtshela emehlweni umphathi wenkulisa ukuthi ngabe kungcono ukuba akayibuyisanga ingane yakhe la ngoba ngabe isaphila. 

“Ngifuna ubulungiswa, bathathelwe izinyathelo okutholakala ukuthi baba budedengu,” usho kanje.

Uninakhulu kamufi, uNksz Zibuyile Mbambo, elandisa ngokwenzeka ngosuku lwesehlakalo uthe, akekho owababikela ukuthi sekwenzeke umonakalo.

“Sasukuma emva kokuthi kufike omunye wendawo, ethi abakasithinti yini enkulisa ngoba sekuquleke ingane yakwaMbambo (esho lapha ekhaya). Sanikela khona. Sisendleleni, uLindiwe wafonela umphathi wenkulisa embuza ukuthi kwenzekani ngengane yakhe, wangafuna ukuphumela obala, wathi uzobuyela kuye,” kusho uninakhulu.

Uthe baze bafika enkulisa, bahlaliswa ehhovisi likamphathi wayo, wababizela umhlengikazi wasemtholampilo wendawo, owafike wabatshela ukuthi othisha balethe ingane emtholampilo, kodwa ngeshwa ibisivele ishonile.

Umnikazi wenkulisa, uNksz Za Hlongwa, uthe ohlangothini lwamaphoyisa ubengakatholi lutho ngenqubekela phambili yophenyo, wathi ngesikhathi egcina ukukhuluma nawo amtshela ukuthi: “Idokodo elivuliwe elokufa komuntu kodwa akulona elokubulawa kwakhe.”

“Ababange besachaza ukuthi baqonde ukuthini ngalokho,” kusho uNksz Hlongwa othe wayewugqugquzele umndeni ukuthi ukukhuthalele ukuya esiteshini samaphoyisa ukuyofuna kabanzi ngenqubekela phambili yophenyo.

Uvumile ukuthi wayewuthembisile umndeni ukuthi uzowuzamela abeluleki bezengqondo kulandela isigameko kodwa babhekana nenkinga yokungabatholi abakwaLifeline.

Uthe bekulokhu kukhona ukuxhumana phakathi kwakhe nomndeni kamufi, wathi emyalezweni wokugcina awuthumela owawuthi bahlale bazi ukuthi unabo ngemicabango.

Uphinde wavuma ukuthi babakhona ubudedengu kothisha benkulisa ngesigameko, waveza ukuthi wabamisa ngokushesha.

“Njengoba sihlela ukuvula, ngizoqale ngizwe emhlanganweni wabaphathi bezinkulisa ozoba ngoLwesibili (kusasa), ngizwe ukuthi bathi yisiphi isinqumo okufanele sisithathe ngothisha,” kusho uNksz Hlongwa othe ngokwezinhlelo inkulisa iyavulwa ngoMsombuluko ozayo.

Uthe inkulisa izovulwa emva komhlangano obekhona wabazali, njengoba wayeshilo ngesikhathi ivalwa emva kwesigameko ukuthi kuyoqale kube nomhlangano wabazali ngaphambi kokuba ivulwe.

Amaphoyisa agcine engaphefumulanga ngalolu daba, kanti noMnyango wezeMfundo wawugcine ukhiphe isitatimende uzwelana nomndeni wengane eshonile.