Izindaba

URamaphosa namasu okufukula umnotho wakuleli

Mhlengi Shangase|Published

UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa

Image: X/@MyANC

UMENGAMELI we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, usetuse umsebenzi wophiko oluphenya amacala athinta inkohlakalo nokukhwabanisa kuleli, i-Special Investigating Unit (SIU), ukuthi luveza umsebenzi omkhulu owenziwayo ukukhuculula inkohlakalo.

Uthe inkohlakalo yenza kungabi khona ukuncintisana okuhle ezweni okuyinto ebukela phansi intando yabantu nokulingana.

"Sizimisele ukukhuculula inkohlakalo njengoba nemibiko evela kwi-SIU ikuveza lokhu. Sitshengisa nokuthi siyayisukumela into ethinta inkohlakalo kuleli ngoba ibukela phansi ukuncintisana okuhle," kusho uRamaphosa izolo, evala umhlangano oyisipesheli wesigungu esiphezulu se-ANC, eGoli.

Wethule namasu avele kulo mhlangano, okufukula umnotho wezwe ukuze kwakheke amathuba emisebenzi.

Ukhale kakhulu ngokuthi akumele ngabe abantu bakuleli basabhuqwabhuqwa yindlala nsuku zonke.

"Akwamukelekile ukuthi intsha eningi ayisebenzi. Abantu babhuqwa yindlala okuyizinto okumele sizilungise ngokushesha," kusho uRamaphosa.

Uzibophezele ekutheni kuzona zonke izifundazwe kuzofuqwa umkhankaso wokwakha imisebenzi kufukulwe nomnotho.

"Kumele silwe nenkinga yezinga eliphezulu lokubiza kwezinto. Ngezinye zezinto ezingamasu esizozenza ukuze kubuye nethemba kubantu." 

Okunye athe bazokwenza wukuvuselela umkhakha wokuthutha impahla, kubalwa ukubuyisa ukusebenza ngendlela kweTransnet.

"Sizovuselela amachweba kanjalo nezithinta ujantshi. Sizovuselela nomkhakha we-manganese  siphinde siqashe abantu abanamava. Siphelile isikhathi sokuthi kufakwe abantu abangazi lutho." 

Umemezele nokuthi bazotshala imali kwingqalasizinda ikakhulu emakhaya nasemalokishini, ukuze kuzuze abantu.

"Sizokwandisa imikhakha efana ne-artisan neminye ezonika intsha imifundaze nemisebenzi ezinkampanini. Sizokweseka nosomabhizinisi abancane ngemali ukuze bathuthuke, bakwazi ukuvula amathuba emisebenzi," kusho uRamaphosa.

Uthe bazoqinisa nemikhakha efana nokuthunga ukuze abantu bahlomule ezweni.

"Sizoqinisa nezohwebo ezwenikazi i-Afrika, sinxenxe namanye amazwe ukuthi abe yingxenye yalolu hwebo. Sizosebenzisa ubudlelwano esinabo namazwe akwi-BRICS kwezohwebo." 

Ubalule nendaba yokuthi kuzohlelwa kahle isabelomali ngokubambisana namaqembu akuhulumeni wokubambisana kuzwelonke, nasezifundazweni.

Uveze nokuthi bayakweseka ukuthi kuqashwe abantu abanamakhono kuhulumeni kungaqashwa ngobuqembu.

"Kudingeka ubuchule ukuze sikwazi ukwenza izinto ezithile. Ngakho akumele kuqashwe abantu ngobuqembu noma ngokuthi bahamba naluphi uhlangothi. Uqalile ukubonakala umehluko kwezinye izinkampani ezingaphansi kukahulumeni ngenxa yokuthi kufakwe abantu abanamava nolwazi ngokumele kwenziwe," kusho uRamaphosa.