UMPHATHISWA wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka
Image: file picture
BAKHALA ngokudunguza ebumnyameni abasizi bothisha ezikoleni zakuleli, abaqashwe ngaphansi kohlelo lukaMengameli Cyril Ramaphosa, lokusiza intsha engatohozi ngesipiliyoni.
Laba basizi bakhala ngokuthi njengoba bengaholile, abazi ukuthi bazoya ngani ezikoleni uma sekubuywa emaholidini njengoba bengatshelwa lutho nguMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Omunye wothisha okhulume neSolezwe ocele ukungavezwa, ukhale ngokuthi baningi abangaholanga ekupheleni kukaSepthemba.
Uthe sebeyahluleka ukukhokhela izindleko zokuya ezikoleni ngenxa yokuthi abaholile. Okunye abakhala ngakho ngukuthi abakwazi nokusiza emindenini nakuba betohoza.
"Okusikhathaza kakhulu ukungabi khona kolwazi olucacile oluvela eMnyangweni wezeMfundo kanjalo nasemahhovisi ezifunda mayelana nokuthi sizohola nini. Sisazimisele ukwenza umsebenzi wethu kodwa lokhu kungaholi kusithena amandla," kusho lo msizi.
Omunye wabasizi, uthe abazi nokuthi bazogcina beyithole nini imali yabo njengoba kwaziwa ukuthi umnyango unenkinga yemali.
"Sididekile manje ukuthi ngabe sesiyanikela ngokuvuka nsuku zonke ekubeni singaholi. Sifuna okungenani incazelo ukuze sazi ukuthi kwenzakalani," kusho lo msizi.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uvumile ukuthi kunenkinga yokubambezeleka ekukhokhweni kwemali yalaba basizi.
Uthe abasizi ababe nenkinga ilabo abaqashwe ezikoleni, abangakhokhelwa kuzona nguMgcinimafa.
"Ukubambezeleka kudalwe ngukuthi bekusaqoqwa futhi kusaqinisekiswa ukuthi lolu lwazi luyilo yini. Kulabo abasebenza ezikoleni ezikhokhelwa ngqo nguMgcinimafa, imali yabo ayibambezelekanga, bayitholile," usho kanje.
Uthembise ukuthi nalabo abangakakhokhelwa, bazoyithola imali yabo maduzane.
"Asikwazi ukukhokha kukhona ulwazi olungaqinisekisiwe. Yingakho senze izinhlelo zokuthi sisheshise lolu hlelo ukuze bakhokhelwe. Abafuna olunye ulwazi abaye emahhovisi omnyango ukuze basizakale."
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe bayazi ngokungaholi kwelinye iqoqo labasizi bothisha.
Uthe kukhona iqoqo elikhokhelwa ngumnyango athe bakhokhelwe, wathi abangakhokhelwe abambalwa abakhokhelwa ngenye inkampani ezimele eyaqokwa kuzwelonke.
"Iyasetshenzwa le nkinga ukuze bakhokhelwe laba basizi abambalwa," kusho uHlomuka.
Babalelwa ku-200 000 abasizi bothisha abaqashwe ukusiza ezikoleni zakuleli. Baqale umsebenzi ngoJuni, nonyaka, kanti bazogcina ngoNovemba ukwenza lo msebenzi.
Lolu hlelo lwethulwa ngo-2020, kanti inhloso ukwehlisa isibalo sentsha engasebenzi ngokuyinika isipiliyoni.
Selusize intsha engaphezu kuka-700 000 ngesipiliyoni. Le ntsha yenza imisebenzi ehlukene ezikoleni.
Related Topics: