Izindaba

I-ANC idwebe umugqa ekususweni kwezimeya ngaphandle kwezizathu

Mhlengi Shangase|Published

Fikile Mbalula

Image: X@ANC

I-ANC isidwebe ulayini wokuthi akukho meya ezosuswa esikhundleni ngaphandle kwemvume yobuholi bukazwelonke.

Le nhlangano ithe bonke abaholi bezifundazwe kuKhongolose, buyazi ukuthi kumele buze ekomkhulu lale nhlangano, buzochaza ukuthi kungani bufuna kususwe leyo meya, kufakwe enye?

UNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bakhathele ukuthi kususwe abantu abasebenzayo kungekho sizathu esiphathekayo. 

Uthe kumele beze kuyena bazomnika izizathu ezizwakalayo ngaphambi kokuba kususwe imeya.

"Imibango yangaphakathi kwi-ANC iphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini. Uma sekuqokwe usihlalo wesifunda ongenasikhundla, ngenxa yamandla asenawo ube esenxenxa abanye ukuthi bamvotele kwesobumeya. Kube sekukhethwa yena kususwe umuntu osebenzayo ngaphandle kwesizathu esiphathekayo," usho kanje.

Uthe kube sekuphazamiseka ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.

"Izifundazwe ziyazi ukuthi kumele zizosichazela njengabaholi abaphezulu be-ANC ukuthi kungani zifuna ukususa imeya ethile. Siyobe sesiyixoxa leyo ndaba, uma sivumelana nabo imeya leyo isingasuswa. Kodwa akekho ozomane asuswe ngaphandle kwesizathu esiphathekayo," kusho uMbalula ekhuluma nabezindaba ngempelasonto, njengoba kunomhlangano oyisipesheli wesigungu esiphezulu sale nhlangano, eBirchwood Hotel eBoksburg, Ekurhuleni.

UMengameli Cyril Ramaphosa uvala lo mhlangano namhlanje kanti uzokhipha umkhombandlela ngezinto ezizokwenzeka njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya.

UMbalula uthe bazojuba abantu abanamava ekubeni amakhansela kanjalo nasezikhundleni zobumeya.

"Sizojuba abantu abazi into abayenzayo, hhayi nje noma ngubani. Sifuna abantu abazokwazi ukumela inhlangano okhethweni," usho kanje.

Uthe abavoti babeke ithemba kwi-ANC ukuthi ilungise izinkinga ababhekene nazo ezweni.

"Asizohlanganisa nje kuphela uhlu lwabantu ukuze bavotelwe ngabantu kodwa sifuna abantu abakwazi ukuhola umphakathi. Abazokhethwa kumele bavele emphakathini. Sizobacubungula kahle, singalandeli indaba yokuthi uhamba naluphi uhlangothi," usho kanje.

Uthe sebeyabazi abantu abacuthele ukuhlubukela kwamanye amaqembu.

"Siyabazi abalalisile kwi-ANC ngenhloso yokuthi bavumbuke kwamanye amaqembu. Sizobaxosha kungakafiki ngisho nokhetho. Abanye basebuholini bezifunda, abanye ebuholini bezifundazwe yingakho sizobaxosha, bahambe baye emaqenjini abacuthele ukuya kuwona," kusho uMbalula.

Ukhale ngabantu abakhohlakele abagcwele kwi-ANC.

"La bantu balokhu bekubiza ngomholi, nawe ujabule kanti bafuna ukwenza inkohlakalo kwi-ANC. Abanye bafuna ukushutha nathi, kanti bafuna ukusebenzisa lezo zithombe ngelinye ilanga bethi bazana nawe," kusho uMbalula.

Uthe abanye abaholi basebenzisana notsotsi kwi-ANC.