UBONGINKOSI Khanyile
Image: ISITHOMBE : ITUMELENGE ENGLISH
YAYINENHLESE yokukhombisa ukuthi akesabi lutho owayeyisishoshovu se-FeesMustFall, uMnuz Bonginkosi Khanyile imiyalezo ayeyinameka ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kuboshwa owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesikhathi kufakaza obhekele ezobuchwepheshe ezinkundleni zokuxhumamna, ophikweni loKlebe, uBrigadier Janine Steynberg.
UKhanyile ongaphandle ngebheyili ka-R5 000 usolwa wuMbuso ngokuphehla udlame emphakathini ngesikhathi sezibhelu zangoJulayi 2021.
UBrigadier Steynberg uqale ngokutshela inkantolo ukuthi wanikezwa umsebenzi wokubheka konke okwenziwa wuKhanyile ezinkundleni zokuxhumana okungaba ama-video awaphanyekayo kumbe ke imiyalezo ayifakayo.
Phakathi kweminye yemiyalezo ayifundile kukhona nowawufundeka kanjena: ''Angisabi muntu mina. Ningabiza amaphoyisa uma nithanda. Niqhubeke nize nibize namasosha.''
Kuvelile lapha ukuthi uKhanyile wayephendula othile owayefake umbhalo othi: "Asimenze adume asimkhulekele ufuna ukuya ejele. Kuyophela ngawe wena mfana mhla kwafa uZuma."
Okucacile ngemiyalezo ebfundwa nguBrigadier Steyberg yindlela abantu ababephendula ngayo bekhombisa ukunengeka yizinkulumo zikaKhanyile.
"Asibadingi abantu abafana naye emphakathini kumele basuswe," kusho omunye umbhalo ocashuniwe.
UBrigadier Steynberg utshele inkantolo ukuthi uKhanyile wabuye wayisusa imiyalezo ayeyiphanyekile ezinkundleni zokuxhumana, wathi kodwa ngokwenza njalo kwakufana nokuthi uthela amanzi emhlane wedada.
"Yize imibhalo isisusiwe kodwa sasikwazi ukubona ukuthi kunemiyalezo ayeyibhalile kuvela nokuthi yayibhalwe nini, ngasiphi isikhathi futhi ngamuphi unyaka," kuchaza yena.
Ngaphambi kokuba kufundwe imiyalezo eyayibhalwa wuKhanyile inkantolo iqale yadlala ama-video amabili aveza uKhanyile ekhuluma ngokuboshwa kukaZuma.
"Abashisa imigwaqo mabaqhubeke nokukwenza lokho, ababhikishayo nabo mabaqhubeke benze kanjalo. Siyacela bakithi nisilekelele kuphume uJacob Zuma ejele," uzwakala esho kanjena bese kunanela ihlombe elikhulu labantu ayekhuluma emi phambi kwabo.
Ekhuluma nabalandeli bakhe uKhanyile izolo ukhale kakhulu ngokuthi ubukeka unteketeke kakhulu uMethethosisekelo waseNingizimu Afrika.
Uthe kuyihlaya nje ukuthi kungathiwa uyena owaba yimbangela yokuthi kugcine kuphume inqwaba yezidumbu ngesikhathi somtapo. Uthe luyaziwa uhlanga olwaluqotha imbokodo nesisekelo ngesikhathi sezibhelu, wathi kodwa ukona kwalo kuyashalazelwa.
''Bakuthatha konke bakuletha kithina ngoba nakhu singabantu abamnyama, kudlalwa ngathi uma kunjena,'' usho kanjena.
Uthe bazolwa, ngeke bathule nje bebona kudlalwa ngabo bebhekile.
"Bacabanga ukuthi thina kasiwazi umthetho banamanga, siwazi kahle yingakho-ke singeke sibavumele ukuthi badlale ngathi bese kphela kanjalo nje," kuchaza yena.
Kube nokuphikisana ngesikhathi umshushisi, u-Advocate Yuri Gangai, evezela inkantolo ukuthi kunezitatimende angafuni okwamanje ukuba zidluliselwe emantshini ekhala ngokuthi akagculisekile ngazo.
Ukuphikisile lokho u-Advocate Sizwe Cele omele uKhanyile wathi ngeke kuze kwenzeke ngaphandle kokuba kuqale kukhulunywe naye.
Imantshi nayo imchithile umshushisi yathi akuhambi kanjalo, yinkantolo kuphela ethatha izinqumo ngodaba lwezitatimende. Phambilini umshushisi wadalula ukuthi bangu-62 sebebonke ofakazi abazobizwa kuleli cala.