Ugwetshwe kwanzima umkhulu odlwengule umzukulu
Image: Sigciniwe
UVEZE ukuthi sibulimaze sabuqeda ubudlelwano phakathi kwakhe noyise isigameko sokudlwengulwa kwendodakazi, owesifazane waseGengele, eMtubatuba.
Ukusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi iNkantolo yesiFunda eMtubatuba imgixabeza udilikajele uyise (56) ngecala lokudlwengula umgilwa owayeneminyaka eyisihlanu ngesikhathi kwenzeka isigameko ngoDisemba 2023.
Unina kamgilwa ebhala isitatimende esilandisa ngokuthi isehlakalo sibakhahlameze kangakanani uthe: “Ngiphoxekile ngezenzo zikababa, bengimethemba kakhulu. Isigameko sibudungile ubudlelwano bethu.”
Ngosuku lwesigameko kuthiwa umgilwa wasuka ngezikhathi zantambama evakashela uyisemkhulu kwenye indlu ekhona egcekeni.
Kuthiwa wabuya emuva kwesikhathi wabikela unina ukuthi unegazi esikhindini sangaphansi.
Kuvela ukuthi unina wambuza ukuthi udliwe yini, umgilwa waphumela obala ngomkhuba awugilwe uyisemkhulu.
Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi woMbuso, uSphelele Precious Mdluli, ubize ofakazi phakathi kwabo okukhona unina kamgilwa osho ubufakazi obuhambisana nobendodakazi yakhe.
Kwaphinde kwabizwa nodokotela owahlola umgilwa, naye owaveza ukuthi umonakalo awubona ngesikhathi emhlola, wawuhambisana nezinsolo zokuthi udlwenguliwe.
Ngale kwesigwebo sikadilikajele, inkantolo iphinde yanquma ukuthi lona wesilisa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
Yaphinde yakhipha umyalelo wokuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe bayasamukela isigwebo esikhishwe yinkantolo.
“Ummangalelwa wayengumuntu othenjiwe kodwa wakusebenzisa kabi lokho. Sinethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye,” usho kanje.
Khonamanjalo, iNkantolo yesiFunda eNkandla imgwebe udilikajele owesilisa (41) olahlwe yicala lokudlwengula intombazane eyayineminyaka engu-17 ngesikhathi kwenzeka isigameko ngoNovemba 2022.
Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo kwavela ukuthi umgilwa wayeyisiqashi kubo kalona wesilisa ngesikhathi ehlelwa wumshophi.
Kuthiwa ngosuku lwesigameko, owesilisa wanikela endlini kamgilwa ngezithuba zasekuseni, wangqongqoza.
Kuvele ukuthi kwathi uma umgilwa evula, wangena wamdlwengula.
Kuthiwa umgilwa owaqhubeka nokuya esikoleni, wafike walubika udaba.
Akagcinanga lapho njengoba kuthiwa waphinde wabikela unina kanjalo nonina wowesilisa ngokwenzekile.
Kuvela ukuthi udaba lwabikwa ngokushesha emaphoyiseni, waphuthunyiswa esibhedlela nokwaholela ekutheni owesilisa azinikele emaphoyiseni ngakusasa.
Kuleli cala uMshushisi uPhilile Shilenge ubize ofakazi okungunina kamgilwa nodokotela, kwase kwethulwa nobufakazi bolibofuzo obuninde owesilisa.
Ebhala isitatimende esilandisa ngokuthi isehlakalo simkhahlameze kangakanani umgilwa uthe isigameko simphazamise kakhulu emqondweni.
“Esikoleni sengidonsa kanzima ezifundweni zami. Isithombe sesigameko silokhu sibuya emqondweni futhi ngizizwa ngiyisiboshwa emzimbeni wami,” kusho umgilwa esitatimendeni.
Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo inqume nokuthi owesilisa akumfanele ukuba nemvume yokuphatha isibhamu futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-NPA iphinde yakwamukela ukuphothulwa kwecala, yathi izimisele ukulwela abagilwa ukuze bathole ubulungiswa.
Related Topics: