Izindaba

Libashonele abadayiselane usana eLadies House

Zimbili Vilakazi|Published

BAKHALELWE ngamasongo kaSigonyela abesifazane ababili abanukwa ngokuthengiselana ngosana olutholwe selushonile

Image: Morgan Morgan / DALL-E / DFA / Illustration

LIBASHONELE abesifazane ababili baseThekwini okuthiwa batholana ekhasini likaFacebook iLadies House badayiselana usana olwatholwa lushonile KwaMashu kwa-D ngo-Agasti kulo nyaka.  

Ngokuthola kweSolezwe, owesifazane okusolwa ukuthi ungunina wosana wangempela, ongowaseMlaza kwa-N, uboshwe ngoMsombuluko. Kuthi lona okuvela ukuthi udayiselwe, waboshwa ngoLwesihlanu KwaMashu. 

Ngokusho komthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, ocele ukungadalulwa, insumansumane iqale ngo-Agasti 18, owesifazane waKwaMashu eshayela umngani wakhe ucingo, emtshela ukuthi usevele watetela ekhaya.

“Ube esemazisa ukuthi kodwa ingane ivele yakhala kanye, yathula. Umngani wambuza ukuthi umtshelile yini umyeni wakhe ngosekumehlele, waveza ukuthi akakamtsheli,” kusho umthombo.

Uqhube wathi umngani uvele wamfonela yena umyeni, oshaye imoto wamlanda, banikela endaweni yesigameko.

“Bamfice elugeza usana, kubonakala ukuthi lushonile,” kusho umthombo.

Uthe babe sebemncenga ukuthi kuyiwe esibhedlela, nokuyinto abengayifuni, eshaya phansi ngonyawo ethi akayiswe kubo eNkandla ukuze luyongcwatshwa masishane ngoba usebatshelile nokuthi ababe bemba igodi.

Uthe umyeni uvele wavele washaya imoto wayikhomba emsebenzini kanina enkabeni yeTheku, okwathi uma etshelwa ngodaba, wakhipha umyalelo wokuthi akuyiwe esibhedlela.

“Emgwaqweni lona wesifazane kuthiwa wayengakhululekile, efuna nokuphuma imoto ihamba, engayizwa eyokuthi uyiswa esibhedlela,” kusho umthombo, othe sekufikiwe esibhedlela iKing Dinuzulu, kuphele amahora amathathu kuliwa nokuthi angene ngaphakathi kodokotela.

Udalule ukuthi esengenile ngaphakathi, esehlolwa wodokotela kwavela ukuthi akakaze akhulelwe.

“Ubengophi, amabele engenabisi kanti nokuhlolwa kwegazi emzimbeni wakhe kwaveza imiphumela ethi akakaze akhulelwe. Udokotela uvele wanquma ukuthi kubizwe amaphoyisa,” kusho umthombo.

Uqhube wathi isidumbu sosana, esasinezibazi ezingxenyeni ezehlukene zomzimba, sagcina sihanjiswa emakhazeni kahulumeni ukuze kuyohlolwa imbangela yokuphuma komphefumulo.

Umthombo uveze ukuthi owesifazane unikele emaphoyiseni ekuqaleni kukaSepthemba, eyofuna usizo lwamaphoyisa ukuze athole isidumbu "sengane yakhe" ukuze ayoyingcwaba.

Kuthiwa ngosuku olufanayo kwaphinde kwafika "uyise wosana" ecela kwenziwe ulibofuzo ukuze kuvele uma yena nosana behlobene.

“Amaphoyisa asale esebenza bobabili ulibofuzo. Imiphumela yakhona ibuye ngoLwesine olwedlule ibaphika bobabili ukuthi bahlobene nosana, yilapho eboshwe khona ngakusasa owesifazane,” kusho umthombo.

Udalule ukuthi uphenyo lwamaphoyisa lubuye lwawaholela eMlaza ngoMsombuluko, ayobopha owesifazane okusolwa ukuthi ungunina wosana wangempela.

Uthe kuvele ukuthi unina ongungqo wabhala ekhasini likaFacebook iLadies House, efuna usizo ngokukhipha isisu. 

“Kuthiwa bagcina bexoxa eceleni, lona waKwaMashu, ethi akamdayisele yona ingane uma isizelwe. Amaphoyisa awakatholi-ke ukuthi izalelwephi kahle hle, yasuka kanjani kunina wangempela, yeza kulo etholwe kuye isiyisidumbu. Nokuthi ibulawe yini akukaveli,” usho kanje.

Isolezwe lithole ukuthi lona waKwaMashu uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko, kwathi owaseMlaza wavela enkantolo efanayo izolo. Amacala abo ahlehliselwe uLwesibili oluzayo ukuze  bafake isicelo sebheyili.