ABAHOLI be-ANC abebeyobhonga emswanini beyohlanganisa amehlo nomndeni lobeyinxusa eFrance, uMnuz Nathi Mthethwa, KwaMbonambi. izolo
Image: ANCKZN/X
ULINDELWE ngeSonto, umbiko wesikhashana ngokufa kobeyinxusa eFrance, uMnuz Nathi Mthethwa.
Uhulumeni wakuleli usuveze ukuthi awufuni ukuqagela ngokufa kukaMthethwa, okukholakala ukuthi uzithanqaze esitezi sesi-22, ehhotela iHyatt Regency, eParis, ngoLwesibili.
Lokhu kuvezwe uMnuz Alvin Botes, iPhini likaNgqongqoshe eMnyangweni wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba kuleli, obevakashele ekhaya likaMthethwa KwaMbonambi, izolo ezohlanganisa amehlo.
Kuzokhumbuleka ukuthi umndeni kaMthethwa, uke ukhale ngokuthi awutholi mbiko ogcwele ngokwenzekile njengoba ubulindele ukuzobikelwa yi-ANC, iqembu ebelesekwa nguMthethwa kanjalo nohulumeni ojube umufi eFrance.
"Asifuni ukugaqela okwamanje ukuthi kwenzakalani kuze kuphume umbiko wesikhashana ngokufa kwakhe eFrance. Lo mbiko siwulindele ukuthi ukhishwe ngeSonto. Sizokwazisa umndeni kuqala ngokuthi umbiko uthini, bese sazisa abezindaba," kusho uBotes.
Uthe kuzobe sekwenziwa izinhlelo zokubuyisa isidumbu sakhe kuleli.
"Kunezinto zesintu okumele zenziwe, zizokwenziwa njengoba kulindelekile. Cishe uhlelo lokumbuyisa kuleli lizothatha isikhathi esingaphansi kwesonto. Sithumele umfowabo kankosikazi kaNyambose, uDkt Sifiso Buthelezi, ukuze abe seduzane naye ikakhulu ngalesi sikhathi esinzima ukuze axhumane ngokushesha ngokwenzekalayo," usho kanje.
Unxuse umphakathi ukuthi ulinde kudedelwe umbiko ngokwenzekile.
Isitatimende esikhishwe ngumndeni kaMthethwa nowasekhweni lakhe kwaButhelezi, sibonge abantu bakuleli ngokubeseka ngalesi sikhathi esinzima.
Sithe imiyalezo yendunduzo ibuyisa ithemba kule mindeni njengoba ukudlula kwakhe kuvule umgodi okunzima ukuvaleka.
"Sibonga nohulumeni wakuleli kanjalo nowaseFrance ngokweseseka kanjalo nokubambisana okukhona. Sisebenzisana noMnyango wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba ukubuyisa isidumbu sakhe kuleli."
Nathi Mthethwa
Image: James Mathibeng
UBotes uthe bazomhlonipha ngendlela uMthethwa ngeqhaza lakhe nangezinto azenzile ngesikhathi somzabalazo.
Abaholi abehlukene be-ANC okubalwa uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, Mnuz Jeff Radede, Sbu Ndebele nabanye abaholi okubalwa uMnuz Sboniso Duma, bachaze uMthethwa njengomuntu obenobuhlakani obehlukile.
UNdebele uthe uMthethwa wayehola i-ANC ngesikhathi esinzima esifundazweni njengoba endaweni akhulela kuyona kwakukhonya i-IFP.
"Babeze babuze ukuthi udakwe yini ukuthi angaba yi-ANC? Yakhula i-ANC enyakatho yeKZN ngenxa yamagalelo abantu abafana noMthethwa. Uyisebenzele i-ANC," usho kanje.
UDkt Dlamini Zuma uthe uMthethwa weza kuyena ngesikhathi eseyoba yinxusa eFrance, wamcebisa ukuthi ahambe nonkosikazi wakhe.
"Ekuhambeni kwesikhathi wangibonga ngokuthi ngangimcebise ukuthi ahambe nonkosikazi wakhe. Ngineminyaka ngimazi kanti indlela abeziphethe ngayo ibikuveza ukuthi uphuma ekhaya lapho akhuliswa kahle."
Related Topics: