Izindaba

Kululwe isikhathi sokuphawula ngomthetho wezikole

Mhlengi Shangase|Published

UHLEHLISELWE kuze kube inyanga ezayo umphakathi ukuthi uphawule ngemigomo ethinta umthetho wezikole okunomsindo ngawo iBasic Education Laws Amendment Act (BELA).

Le migomo ithinta ukwamukelwa kwabafundi kanjalo nethinta ukugcwala kwesikole.

Ukuphawula komphakathi bekumele kuvalwe kule nyanga kodwa uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, wabona kunesidingo sokuthi ayihlehliwe.

Esimemezelweni asenzile uthe ulula isikhathi sokuthi umphakathi uphawule ngale migomo.

"Isikhathi sokuphawula sizovalwa ngo-Okthoba 5, 2025. Nginxusa abantu ukuthi baqhubeke baphawule ngale migomo," usho kanje.

Phambilini, izinhlaka ezehlukene okubalwa nezinyunyana zothisha zakhala ngokukhishwa izikhawu kwale migomo ekubeni bekumele ikhishwe yonke kanye kanye.

Okukhalisa lezi zinhlaka ngukuthi miningi eminye imigomo okusamele ikhishwe, umphakathi uphawule ngayo ngaphambi kokuqala ukusebenza.

Okukhalisa kakhulu izinhlaka ngukuthi njengoba ilokhu ikhishwa kancane kancane, kusho ukuthi kusekude ukuqala ukusebenza kwalo mthetho ngoba kusamele kukhishwe yonke imigomo, umphakathi uphawule ngayo ngaphambi kokuba iqale isebenze.

UNksz Gwarube wakugcizelela ukuthi akafuni ukuxhamazela ngokuthi adedele yonke into ngesikhathi esisodwa ngoba kuningi ukukhala okukhona ngalo mthetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uMengameli Cyril Ramaphosa, esayina lo mthetho ngokusemthethweni, uNksz Gwarube wayengekho kulo mcimbi kanti wagxekwa kakhulu ngokungawuthameli.

Waduba lo mcimbi ngoba iqembu lakhe i-DA lalishaya amakhala ngezinto eziningi elingahambisani nazo okubalwa amandla anikwe izinhloko zoMnyango wezeMfundo ezifundazweni, okuyizona ezinamandla okunquma uma isikole sesigcwele kanjalo nolimi oluzosebenza kuleso sikole.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokusayinwa kwalo mthetho, kwase kuthathe iminyaka ecela kwengu-10, kudingidwa indaba yawo.