Parks Tau
Image: Independent Media Archives
BATHI liphume nobomvu ngokuhoxiswa kwezichibiyelo emthethweni iNational Credit Act, obezizokwenza ukuthi abakweleta izikhungo zemfundo bafakwe kwa-credit bureau ngoba behluleka ukukhokha.
Lokhu kuvezwe yizinhlangano ezehlukene zezitshudeni, kubalwa ne-ANC, ebezikhala ngokuthi lesi sinyathelo sizozicwilisa shi obishini abakweletayo ukuthi bangakwazi ukuphunyuka ebubheni.
UNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nezokuNcintisana, uMnuz Parks Tau, uhoxise lezi zichibiyelo kulo mthetho emva kokuthola izikhalazo.
Uthe babalelwa ku-20 000 abalethe izethulo ngaphambi kokuba kuvalwe ukuphawula komphakathi obekungoLwesihlanu.
"Iningi lezethulo belichitha lezi zichibiyelo kulo mthetho, yingakho kudingeke sizihoxise. Lolu hlelo luveze ukuvuthwa kwentando yeningi ngoba umphakathi uphawulile, uzwakalisa imibono ehlukene. Sizobuyela siyoyibheka kabanzi eyokuthi izitshudeni zingavikeleka kanjani."
Uthe bazoxhumana nazo zonke izinhlaka ngomuso ngaphambi kokuba bashicilele imigomo.
"Sizobe sehlisa nemimoya siphinde sichazele umphakathi ukuthi uhlelo luzohamba kanjani," kusho uTau.
UNksz Nonceba Mhlauli oyiPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, wakuveza ukuthi uhulumeni uzimisele ukwehlisa umthwalo obhekene nentsha nezikweletu kwezemfundo.
Izinhlangano iSasco, ANC Youth League, EFF, eyemikhandlu yamaSRC ezikhungweni zemfundo iSouth African Union of Students, ibiyichitha eyokufakwa kwezitshudeni kwa-credit bureau.
ISasco ithe yeneme ngalesi sinyathelo yathi kodwa kumele kube nengxoxo yokuthi zisulwa kanjani izikweletu zentsha kwezemfundo.
Ithe kumele kufakwe ingcindezi ezikhungweni zemfundo ukuthi zesule lezi zikweletu.
"Izikhungo kumele zisebenzise imali egcinwe ezinqolobaneni ukuze zikhokhele izikweletu zezitshudeni. Imfundo yilungelo ngakho kumele ibe mahhala ukuze uwonke wonke ezohlomula," kusho iSasco.
I-SAUS ithe lo mnyakazo ubuzovimba izitshudeni eziphothule iziqu ukuthi zithole umsebenzi.
Ithe izitshudeni azikwazi ukuthola izitifiketi zazo ukuze zikwazi ukuyofuna umsebenzi ngenxa yezikweletu.
"Simile ekutheni kumele kusulwe zonke izikweletu zezitshudeni ukuze zikwazi ukuthola umsebenzi. Ukucwila kwazo ezikweletini kwenza zingakwazi ukuqhubekela phambili."
UMnuz Sihle Lonzi we-EFF obelwa nalesi siphakamiso, uthe bayakwamukela ukuhoxiswa kwaso ngoba besizokwenza abakweletayo bangakwazi ukuqhubekela phambili.
Uthe bazofaka isiphakamiso kulo mthetho ukuthi izikhungo zemfundo zingafakwa ohlwini lokuthi abazikweletayo bafakwe kwa-credit bureau.
"Akekho okumele avinjwe ukuthi athole imfundo. Impi ayiphelile, isaqhubeka," usho kanje.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukwamukele ukuhoxiswa kwalezi zichibiyelo, wathi kasihambisani nemigomo kaKhongolose.
"Akumele kuvinjwe intsha efuna imfundo yingakho sikwamukelwa ukuhoxiswa kwalezi zichibiyelo. Sinxusa nomkhakha ozimele ukuthi uqhubeke nokuqasha intsha ukuze ithole amathuba," kusho uMbalula.
Related Topics: