Nkosinathi Emmanuel "Nathi" Mthethwa.
Image: Supplied
UBEYINKUNZI emidwayidwa eziyinethile kwezepolitiki obeyinxusa laseFrance, uMnuz Nkosinathi (Nathi) Emmanuel Mthethwa (58), okusanendida ngokufa kwakhe njengoba kuthiwa uziphonse ehhotela eliseParis.
Uphenyo ngokufa kukaMthethwa lusaqhubeka kanti kuthiwa izinhlelo zokubuyisa isidumbu sakhe kuleli, zizoqala ukwenziwa uma sekuphothulwe lolu phenyo olwenziwa yizinhlaka zokuphepha eFrance.
Ngakolunye uhlangothi ilokhu ingena ilakanyana imiyalezo yokuzwelana ne-ANC, umndeni, abangani kanjalo nezihlobo ngokufa kukaMthethwa.
Umlando kaMthethwa uveza ukuthi waqala ukulwela inkululeko esemncane eKlaarwater, eMariannhill, lapho kuthiwa wakhulela khona kanjalo nesaKwaMthethwa, lapho akhe khona.
Njengoba nesaga sisho ukuthi "akukho soka lingenasici", ziningi izigigaba abebalwa kuzona kwezepolitiki selokhu aba yilungu lePhalamende. Nangesikhathi engungqongqoshe eminyangweni ehlukene kahulumeni, nakhona washiya kunezinkulumo ngezinqumo ayezithatha ezashayisa abanye amakhala. EPhalamende ngo-2004, ube ngusihlalo wekomiti lezokuMbiwa nezaMandla, waba nangusotswebhu we-ANC ePhalamende.
Ngesikhathi engungqongqoshe wamaPhoyisa kusuka ngo-2008 kuya ku-2014, kwaba nesibhicongo saseMarikana, lapho amaphoyisa adubula kwafa abavukuzi ababetelekile abangu-34. Igama lakhe lalivela, kuthiwa ngaphambi kwalesi sibhicongo, wayexhumana nabanikazi bemayini iLonmin. Ngesikhathi kunekhomishini ngokufa kwabavukuzi, wavuma ukuthi njengomuntu owayephethe amaphoyisa, wayehambisana nayekwenza.
Nathi Mthethwa.
Image: Picture: Antoine de Ras
Kwaphinde kwaba nemvunge ngomuzi kalowo owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, oseNkandla. Wakhomba umuzi kaZuma njengendawo engaphansi kombuso wezwe. Kwaqiniswa ezokuphepha kulo muzi kaZuma, ezinye zazo okwadingeka ukuthi azikhokhele yena mathupha uZuma. UMthethwa wagxekwa ngowayenguMvikeli woMphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela ngokuthi lo muzi ufakwe ngaphansi kwezindawo ezenganyelwe ngumbuso ekubeni kuwumuzi uZuma ayehlala kuwona kungewona okahulumeni.
Waba sezindabeni nangesikhathi kunekhomishini yejaji uZondo, eyayiphenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana, lapho kwavela khona ukuthi kwathathwa imali esetshenziswa amaphoyisa ukulwa nobugebengu, ebalelwa ku-R196 000, okwakhiwa ngayo udonga emzini wakhe kwesaKwaMthethwa, eMpangeni.
Kuthiwa waphinde wagixabezwa ngesipho semoto lonyanyavu iMercedes Benz, eyayibiza u-R400 000, kusetshenziswa le mali. Le moto kuthiwa wagcina ethi ayibuyiselwe emuva ngoba izintatheli zazimlandela.
Ngesikhathi eqokelwe ukuba ungqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kwaze kwaba ngamahlandla amabili, wagxekwa amaciko ayekhala ngokuthi akawanakile. Kwasuka omkhulu umsindo ngefulegi lika-R22 million, ayefuna lenziwe kuleli. Kwaze kwangenelela uMengameli Cyril Ramaphosa, owathi akahoxise indaba yokwenza leli fulegi elasusa imvunge. Wagcina emxoshile kwiKhabhinethi yakhe ngemuva kwalokho.
Igama lakhe lisanda kuvela kwikhomishini eqhubekayo kaMadlanga, ephenya izinsolo zokungenelela kosopolitiki ezinhlakeni zokulwa nobugebengu kuleli.
Igama lakhe livele emva kokuba uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, esola uMthethwa ngokugxambukela ophenyweni lamaphoyisa.
Umfowabo kaMthethwa, uMnuz Khulekani Mthethwa ekhuluma neSABC izolo, ukhale ngabantu abangasihloniphi isifo, ikakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe abantu bazibhalela izinto abazithandayo, ezinye zazo ezingelona iqiniso. Uveze ukuthi ne-ANC ayikabazisi ngendlela afe ngayo.
Related Topics: