Izindaba

Uphenyo ngokufa kukaMthethwa eFrance

Mhlengi Shangase|Published

IPHENYWA uhulumeni waseFrance eyokufa kwenxusa elizinze kuleliya lizwe, uMnuz Nathi Mthethwa

Image: Ntswe Mokoena

IPHENYWA uhulumeni waseFrance, eyokufa kwenxusa lakuleli elizinze kuleliya lizwe, uMnuz Nathi Mthethwa (58).

Ngokwemibiko yephephandaba laseFrance i-Le Parisien, uMthethwa ugcinwe ukubonwa ephila ngoMsombuluko. Kukholakala ukuthi uziphonse esitezi sesi-22 ehhotela i-Hyatt eliseParis, kanti isidumbu sakhe sitholakale izolo.

Kuthiwa unkosikazi wakhe uthole umyalezo obungamniki ukuthula obuvela kuMthethwa ngoMsombuluko ebusuku, ngokombiko wephephandaba lase-UK, i-The Mirror.

Okhulumela uMnyango wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnuz Crispin Phiri, uthe uhulumeni wakuleli udlulisa amazwi endunduzo ngokufa kukaMthethwa.

"UMthethwa ulisebenzele izwe njengoba abamba izikhundla ezehlukene okubalwa esikaNgqongqoshe wamaPhoyisa, owezemiDlalo, ubuCiko namaSiko. Ube yilungu lebhodi elalihlela iNdebe yoMhlaba yebhola ngo-2010. Uyisebenzele ne-ANC." 

UNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnuz Ronald Lamola, uthe akangabazi ukuthi akulahlekelwanga kuphela isizwe kodwa nomhlaba jikelele ngokufa kukaMthethwa.

"Indlela afe ngayo iphenywa yizikhulu zaseFrance. Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini kaMthethwa, abangani, izihlobo kanjalo nozakwabo. Ushiye emhlabeni unkosikazi nezingane," kusho uLamola.

Kwenzeka lokhu nje, igama likaMthethwa lisanda kuvela ksiKhomishini kaMadlanga. UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, wathi uMthethwa waphoqa owayekwezobunhloli, u-Inspector General uFaith Radebe, ukuthi ahoxise amacala ayebekwe owayeyinhloko yezobunhloli uRichard Mdluli.

IKhomishini kaMadlanga iphenya izinsolo zokuthi osopolitiki babegxambukela emsebenzini wamaphoyisa kuleli futhi besebenzisana nezigebengu. 

Okhulumela i-ANC, uNksz Mahlengi Bhengu, uthe bashaqekile ngokuzwa izindaba zokufa kukaMthethwa.

Uncome iqhaza likaMthethwa, wathi ubezinikele enhlanganweni nasekusizeni abantu.

"Usebenze ngokuzikhandla eminyangweni ehlukene kahulumeni. Ulethe izinguquko nobumbano ngesikhathi eyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, kanjalo nasekomitini elibhekele ukusebenza kwansuku zonke le-ANC." 

Uthe bazomkhumbula kakhulu ngeqhaza nangomlando wakhe ezintweni ezithinta imigomo yenhlangano kanjalo nakwezinye izinhlaka abesenza ngokuzikhandla kuzona.

Uveze ukuthi bazoweseka umndeni wakhe ngalesi sikhathi sobunzima.

UMengameli Cyril Ramaphosa, uphatheke kabi ngokufa kukaMthethwa.

Uthe uMthethwa ube yingxenye yeKhabhinethi iminyaka engu-15, ebambe iminyango ehlukene.

"Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini kaMthethwa, okubalwa nonkosikazi wakhe uNksz Philisiwe Buthelezi. Ulisebenzele izwe kanti bebubuhle ubudlelwano neFrance. Sizoqhubeka nokweseka umndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima," kusho uRamaphosa.