Ukuphoxeka kumzali ngokuphawula kwamaphoyisa ngecala lokudlwengula
Image: Sigciniwe
UKHALELA ubulungiswa uyise wengane esencane yaseZwelibomvu, ngaKwaNdengezi, okuthiwa idlwengulwe enye, yavuma isenzo sayo phambi kwamaphoyisa.
Ngokusho kukayise kamgilwa, isigameko senzeke ngoSepthemba 4, nonyaka, indodakazi (3) yakhe yadlwengulwa umsolwa oneminyaka engu-12 ongumakhelwane.
Elandisa ngesigameko uyise engeke sadalula igama lakhe ukuvikela umgilwa, uthe umndeni wathola ngaso ngosuku esenzeka ngalo ngezikhathi umgilwa egezwa.
“Wayegezwa ingane yasemndenini, wakhombisa ukuthi amanzi ayamthunuka ngesikhathi egezwa isitho sangasese. Yathi uma imbuza ingane eyayimgeza, washo konke okwenzekile, ethi ingane yakwamakhelwane ayigagula ngegama, ifake isitho sayo sangasese kwesakhe,” kusho uyise kamgilwa.
Uthe balusukumele phezulu udaba, baya kubo kamsolwa beyobuza, wafike wavuma phambi kwabo nomndeni wakhe.
“Waze wavuma ngisho naphambi kwamaphoyisa aKwaNdengezi ngesikhathi sekuyiwe kuwo,” usho kanje.
Uqhube wathi yize azivumela ngowakhe umsolwa, waze waxolisa, bathi uma sebefuna ukuvula icala, amaphoyisa athi ngeke alivule ngoba libandakanya izingane ezincane.
Uveze ukuthi abayalela ukuthi okungenani abahambe bayolivula esiteshini samaphoyisa saseChatsworth, esikwazi ukusingatha amacala abucayi abandakanya izingane.
Uthe lokhu kwenzeke yize bese bebuya khona kudokotela omhlolile umgilwa, washo ukuthi ngempela udlwenguliwe, wathi amagama awathole elumela ngakhishwe amanye amaphoyisa akulezi ziteshi athi: “Vele icala lizophelela emoyeni ngoba lifaka phakathi izingane ezincane.”
Udalule ukuthi icala, angakawuboni umnyakazo walo, lagcina livulwa ngoSepthemba 18, ngoba nakhona esevuka indlobane.
“Le nkulumo ayehlanga kahle kimina ngoba ngizibuze ukuthi uma umsolwa eyingane, kusho ukuthi kufanele avele axolelwe kalula kanjalo? Kuthiwani-ke ngalo oneminyaka emithathu okufanele athole ubulungiswa ngokuthi udlwenguliwe?” kubuza uyise kamgilwa.
Uthe lokhu ukuhlaziye njengokuthi kusho ukuthi ngisho ingane ingabulala umuntu ngeke yenziwe lutho ngoba kuhanjiswa phambili ukuthi incane.
“Kanti amajele ezingane ngawani? Kungani umsolwa angaboshwa, ayiswe kulelo jele?” usho kanje.
Uthe akulwela ukukubona kwenzeka ubulungiswa ngokudlwengulwa kwengane yakhe, umsolwa abhekane nemiphumela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abaphenyi basesiteshini saseChatsworth ngaphansi kophiko lweFamily Violence Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS) baphenya icala lokudlwengula kulandela isigameko sokudlwengulwa kukamgilwa (3) ngoSepthemba 4, 2025, eZwelibomvu.
Isazi sezomthetho, uMnuz Melusi Xulu, sithe ingane uma yenze icala ngokoMthethosisekelo ayibizwa ngomsolwa kodwa ibizwa “ngengane eyenze okuphambene nomthetho”.
Uthe zonke izingane ezenze okuphambene nomthetho ziboshwa ngaphansi kweso labazali bese ziza enkantolo zikhashwa yibo.
"Ayihlaliswa esitokisini ngaphandle uma ingenalo ikheli eliqondile (engahlala kulo), uma ibihlala lapho isuswe khona (kosingabazali), uma kusolakala ukuthi izoqhubeka yenze okungafanele, ibe yingozi noma ibaleke, yilapho-ke eyiswa khona ejele lezingane,” kusho uXulu.
Uthe kunohlelo lwezobulungiswa olwenziwayo ezinganeni ezisolwa ngamacala lapho izinhlaka zomthetho zisuke zicubungula khona ukuthi (ingane) iyakuqonda yini ukuthi into eyenzile iphambene nomthetho.
“Lapho kusuke kuzobhekwa ukuthi icala lizoqulwa njengomuntu okuqondayo yini ukuthi wenze icala, ikakhulukazi uma ingane ineminyaka engaphansi kweminyaka engu-14,” usho kanje.
Uqhube wathi kulesi sigameko bekungafanele amaphoyisa athi "icala lizophelela emoyeni".
“Bekufanele athathe umgilwa ayomenzisa ulibofuzo nobekuzokwenza ubufakazi bokuqala obuqinile. Bese kukhishwa incwadi egunyaza ukuthi ingane iboshwe, bese ifike nomzali enkantolo,” kusho uXulu.
Uthe amacala afuze lawa aqulwa enkantolo yesifunda, kukhishwe wonke umuntu, lithethwe ungekho umphakathi ukuze kuvikeleke izingane.
“Ngisho ingaba neminyaka engaphansi kwengu-12, ubulungiswa buyafuneka nakuyona uma yenze okuphambene nomthetho, akuvele kuyekwe, kufakwa nosonhlakahle babheke ukuthi iyaqonda yini ukuthi yenze icala,” usho kanje.
Related Topics: