Izindaba

UNdunankulu nezaba zokubhula umlilo kwezemfundo

Mhlengi Shangase|Published

Undunankulu waKwaZulu-Natal Thami Ntuli

Image: Leon Lestrade

ISINGENWE nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, eyokubambezeleka kokuthengwa kwezinsiza kufundisa okuyizincwadi ne-stationery kwangonyaka ozayo, ezinye zazo ezisetshenziswa uma kubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka.

Ihlale isusa umsindo indaba yokungafakwa ngesikhathi kwemali yezikole eyaziwa ngama-norms and standards, njengoba izikole ezizithengela izincwadi zisebenzisa le mali ukuthenga izincwadi. Kanjalo nakulezo eziphathelwa ngumnyango, kusetshenziswa le mali ukuthenga izincwadi ne-stationery.

Ekhuluma emhlanganweni obungoMsombuluko ntambama abe nawo nabaPhathiswa owezeMfundo nowezeziMali esifundazweni, uNtuli uthe lolu daba selufikile kuyena. Kulo mhlangano wokuzama ukuthola izixazululo ezinkingeni zemali eMnyangweni wezeMfundo, bekukhona noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube.

"Sengazisiwe ngendaba yokuthi azikathengwa izincwadi ne-stationery zangonyaka ozayo. UMphathiswa wezeziMali ungazise ngale nselelo ngeledlule kodwa ngathi asilinde kuze kubuye uzakwabo kwezeMfundo, obengekho ephesheya. Ukuze kulungiswe ezinye zezinkinga kowezemfundo sidinga uR3.4 billion," kusho uNtuli.

Uthe ukunqanyulwa kwesabelomali sowezemfundo kanjalo neminye iminyango, yikhona okube nomthelela wale nkinga.

"Ayikho imali ethe xaxa efakwe eMnyangweni wezeMfundo. Sengikhulumile noMengameli Cyril Ramaphosa ngezinselelo ezibhekene noMnyango wezeMfundo." 

UNksz Gwarube uthe lo mhlangano uthele izithelo wathi kuvunyelwene ngezinye zezinto okumele zenzeke ngokushesha. 

Enye yazo ngukuthi kwenziwe ucwaningo ngesibalo sabasebenzi kanjalo nabafundi.

"Sethemba ukuthi uhlelo lokubheka othisha nabafundi abayizipoki, luzosiza enkingeni yemali ebhekene nomnyango. Sike salwenza uhlelo olufuze lolu phambilini, kodwa kukhona abakwazi ukuputshuka kulona yingakho sifuna luphinde lwenziwe ukuze kongeke imali," kusho uNksz Gwarube.

Uveze nokuthi abazi ukuthi imali engu-R3.4 billion, izoqhamukaphi ukuze ixazulule izinkinga emnyangweni.

"Sikubeke eqhulwini ukuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni. Asifuni kube nokuphazamiseka ekubhalweni kwezivivinyo yingakho sisukumile. Sifuna nokuthi abafundi bathole zonke izimfanelo zabo ezikoleni," kusho uNksz Gwarube.

Ubalule nokuthi kubalulekile ukukhokhelwa komasipala abakweletwa yizikole imali kagesi namanzi.

"Abasebenzi abaphatha budedengu imali kumele bathathelwe izinyathelo. Asifuni imali ebekelwe izinhlelo ezithile kuphela igcine isisetshenziselwa ukukhokhela amaholo abasebenzi. Osonkontileka abakhokhelwe ngesikhathi ikakhulu abahlinzeka ngokudla ezikoleni." 

Izinyunyana zothisha zisabise ngokuphaka impi uma kungukuthi kuyabambezeleka ukufakwa kwemali yezikole.

Nyakenye iSadtu yaphazamisa ukubhalwa kwezivivinyo ngenxa yale nkinga. Othishanhloko bagcina sebekhala ngokuthi sebelala obenyoni ngenxa yomashonisa ababamise kabi, befuna imali yabo.