OWABULAWA, uMnuz Sfundo Shabalala
Image: SITHUNYELWE
USAKHALELA ubulungiswa owesifazane wasePhoenix, eThekwini, kulandela isigameko sokugwazwa kubulawe isoka lakhe, wumlisa ababemgibeze emotweni bebuya ebumnandini.
Kulesi sigameko kwafa ngesihluku uMnuz Sfundo Shabalala (29) owayehlala kule ndawo kodwa engowokudabuka eHarding.
Silandisa ngesigameko esenzeka ngo-Agasti 24, nonyaka, isinqandamathe sakhe esicele ukungadalulwa, esasikhona ngesikhathi kwenzeka isigameko, umsolwa bahlangana naye endaweni yobumnandi iJoe Cools, eNorth Beach, eThekwini.
“Sasizijabulele, uSfundo emagange elinde ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa olwaluzoba ngo-Agasti 25. Sahamba sayobuka ibhola khona eNorth Beach, kudlala i-Asernal, ayeyithanda. Kwathi uma kuphela umdlalo, wathi asiye eJoe Cools ngoba yena usafuna ukuzijabulisa,” kusho lona wesifazane.
Uthe bafika ngezithuba zawo-9 ebusuku, bahlala kule ndawo kwaze kwashaya u-11 wasebusuku, waveza ukuthi ngesikhathi befika khona, umufi wafike watholana nomsolwa, bajwayelana, bexoxa ngezinto ezehlukene sabantu abakade bazana.
“Emva kuka-11 ebusuku, sabe sesisukuma, sithi siyothi ukuzihambela kancane ngasolwandle ukuze angazeli uma sengishayela imoto sesigoduka. Ngathi ngiyambona usexoxa nomsolwa, ngihambe ngibalandela ngemuva, maqede wathi asingaqale sihambe, asiye eKoko, okungenye indawo yokucima ukoma eseduze,” kusho lona wesifazane.
Uthe nakuba ayenganeme ngalokhu, esejahe ukuhamba, umufi wamncenga ethi akasale esenzela yena, angamphoxi sekusondele usuku lwakhe lokuzalwa.
Wathembisa ukuthi bazothi qu, bathenge ugwayi, bese beyahamba.
Uthe bathi uma sebephuma umsolwa wacela ukugitshezwa, ashiywe emakethe, lapho ayezothatha khona amatekisi aya kwa-V eMlaza.
“Safika kungekho matekisi. Ngathi akehle, ngizombizela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile, nokho uSfundo wabona kuwumbono omubi ukushiya umsolwa endaweni lapho ayengagcwelezwa khona yizigebengu,” usho kanje.
Uthe umsolwa wabe eseyijika esecela ukushiywa eSbu’s Lounge eNanda, lona wesifazane washaya phansi ngonyawo ethi indlela yabo ayiyi ngalapho.
Uveze ukuthi umsolwa wagcina eveza ukuthi ucela ukuya nabo ngakhona ePhoenix ngoba unomfowabo ohlala khona, amgagula ngegama.
“Sathi sesibude buduze nalapho ayethe uzosala ngakhona, wavele wacela ukusala nganeno. Ngamisa imoto ukuze ehle. Ngesikhathi uSfundo owayehleli nami ngaphambili elula isandla ukuze baxhawulane, umsolwa wavele wakhipha ummese kuplastiki ayelokhu ewuphethe kusuka simbona eJoe Cools, wamgwaza ephindelela,” kusho lona wesifazane.
Uthe waphuma eyinhlamvu emotweni ebaleka, eshiya umufi nomsolwa ngemuva.
Uthe kukhona umqondo owathi akabuyele emumva, wathi uma ekwenza lokho, wabona ukuthi umsolwa usamgwaza umufi, wakhumbula ukuthi umufi wayemyalele ukuthi noma yinini uma ehlaselwa, akobaleka, asindise eyakhe impilo ngoba uwumuntu wesifazane.
Uthe wabaleka waze wanqwamana namaphoyisa kaMasipala weTheku, okwathi uma ephindela nawo emumva, bafica umsolwa engasekho.
Ukhale ngokungabutholi ubulungiswa ecaleni njengoba eveze ukuthi lukhona ulwazi alunikeza amaphoyisa olwalungalekelela ekutheni kubanjwe umbulali.
“Inombolo ayeyinike uSfundo ngathola ukuthi ekamfowabo, ohlala khona ePhoenix ngalapho esasithi simehlisa ngakhona. Ngaphinde ngathola nokuthi yena lo mfowabo usebenza khona eJoe Cools. Ngokwami lolu lwazi lwalungalekelela ekuthe abanjwe umsolwa,” usho kanje.
Uthe nakuba amaphoyisa axhumana nalona wesilisa, ambuza ukuthi uyamazi yini umsolwa, waphika walala ngomhlane, wathi akamazi, wathi nobufakazi bokwaqoshwa amakhamera kulezi zindawo zokucima ukoma uyakholelwa ekutheni kwakungalekelela ekutheni abanjwe.
“Kukhona ngisho ne-video lapho elokhu etoboza uplastiki wakhe samuntu olokhu ebheka ukuthi akufake phakathi kusekhona yini,” kusho lona wesifazane, othe lo plastiki owagcina uficwa endaweni yesigameko wayewusonge ngesikibha nebhulukwe.
“Amaphoyisa ayengathatha ngisho nezinsalela zeminwe kuwona ukuze abanjwe. Ngiyabufuna ubulungiswa ngoSfundo ngendlela ambulala ngesihluku ngayo engamenzanga lutho olubi,” kusho lona wesifazane.
Ulinikile Isolezwe inombolo yomndeni kamufi, ethe uma ishayelwa, yakhala, yaze yathula, ingabanjwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asePhoenix avula icala lokubulawa komuntu emva kwesigameko sokuthi umufi egwazwe umuntu ongaziwa okuthiwa wayemgibeze emotweni.
Related Topics: