IBHULOHO elicekeleke phansi laKwaXimba, eThekwini', okuthiwa selikhiphe izidumbu
Image: SITHUNYELWE
UMPHAKATHI uhlalele ovalweni lokuthi lizoqhubeka likhiphe ezinye izidumbu emphakathini ibhuloho lezinsimbi elicekeleke phansi waKwaXimba, eThekwini, kulandela isigameko sokufa kowesilisa ngeledlule.
UMnuz Bongumusa "Mguyo" Mchunu (50) kuthiwa ushelele, wayokhalakathela ematsheni omfula uMsunduzi ngesikhathi ethi uzama ukuwela ngeledlule. Kulindeleke ukuthi afihlwe kule mpelasonto.
Ilungu lomphakathi elingunobhala we-ANC ewadini, uMnuz Bheshu Cele lilandisa ngenkinga, lithe sekuphele iminyaka emihlanu ibhuloho lingekho esimweni esikahle. UCele uthe lisiza umphakathi wasesigodini saseMvini nowaKwaNyavu.
Uthe yibhuloho elakhiwe ngezinsimbi ezicekelwe phansi yilabo ebebefuna ukuzicebisa bona.
“Baqala ukulokhu belihlephula kancane kancane eminyakeni emihlanu edlule. Bebesika izinsimbi zokubambelela bayozidayisa, abanye benze amadelifudi. Ligcine selingasenazo nhlobo izinsimbi zokubambelela, kwase kuyaqala ukulimala kwabantu,” kusho uCele.
Uthe njengoba kuphume isidumbu ngeledlule, bekungesikho okokuqala njengoba nangonyaka odlule, kukhona omunye wesilisa owashibilika, wawa, washona.
Edweba isithombe sobungozi, uthe njengoba kufa abantu asebebadala kukhomba khona ukuthi liyingozi ngisho nasezinganeni.
“Uma kushibilika umuntu omdala, kunzima ukucabanga ukuthi kuzokwenzekani ezinganeni zesikole njengoba lisetshenziswa nayizingane zaseMvini Primary nezaseZizamele Junior Secondary,” usho kanje.
Ukuvezile ukuthi ukulimala kwalo kwaba wukuzicabangela kwabathile njengoba babeka bona phambili, bakhohlwa ukuthi le mpahla abayicekela phansi isiza umphakathi wonke.
Uveze ukuthi ikhansela lendawo linalo ulwazi ngenkinga, nokho wathi bekungakabi khona okucacayo mayelana nenqubekela phambili yokulungiswa kwalo.
Uqhube wathi balibikele nehhovisi likaMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, baze bathumela ngisho nezithombe ezikhombisa umonakalo.
“Sifisa ukuthi lilungiswe kodwa kulokhu kufakwe olunye uhlobo lwezinto emaceleni, hhayi izinsimbi ngoba ukufaka khona kusazoqhubeka kungenzi mehluko njengoba esekhona amaphara endaweni,” usho kanje.
Udadewabo kamufi, uNksz Thandeka Mchunu, eqinisekisa ukuthi bona balahlekelwe yisihlobo ngenxa yale nkinga, uthe kubuhlungu ukuthi umonakalo ugcine udlula nesihlobo sabo.
“Alikho esimweni esikahle leli bhuloho. Linezikhala phansi lapho okunyathelwa khona, liphinde lingabi nayo nhlobo indawo yokubambelela emaceleni. Kubuhlungu ukuthi umfowethu ushone kabuhlungu kanje,” kusho uNksz Mchunu.
Naye uthe bafisa lilungiswe ngoba ayikho enye indlela abangayisebenzisa esikhundleni salo.
“Uma usaba ukuhamba phezulu kulona okusho ukuthi kufanele uhamba phakathi emanzini. Sifuna lilungiswe,” usho kanje.
Ward councillor/DoT comment pending...
Related Topics: