Izindaba

Isililo kudlala i-video yowabulala ingoduso

Nkosikhona Cele|Published

UNKSZ Dima Phohlo okuthiwa wbulawa

Image: SITHUNYELWE

KUQHUME isililo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesikhathi kudlala i-video ebiveza owesilisa egwaza ebulala ngesihluku ingoduso yakhe. Kule video ehlasimulisa umzimba, kubonakala ummangalelwa, uMnuz Mhleli Ndaba (31) ebulala ingoduso yakhe uNksz Dima Phohlo (31) esigemekweni esenzeka ngo-Okthoba 20, 2023.

UMMANGALELWA, uMnuz Mhleli Ndaba

Image: SITHUNYELWE

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sigameko saba sematheni kukhulunywa kakhulu ngaso. Ummangalelwa wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela. Kusukela lapho ugqigqa inkantolo ngaleli cala. Umphakathi namalungu omndeni bezwakalisa ukungenami ngesikhathi ummangalelwa ededelwa ngebheyili ngonyaka owedlule. Kule video kuqale kubonakale isango elimnyama lomuzi livaliwe.

Ngemuva kwesikhashana, kubonakala ummangalelwa ephuma ehubha umufi. Ummangalelwa uma esemficile umufi ngaphandle kwesango, umshaya ephindelela. Umufi ofake ingubo uyazama ukulwa amphushe ummangalelwa kodwa imizamo yakhe iyaphunza ngoba umane avuke indlobane kakhulu ummangalelwa. Konke lokhu kwenzeka phambi kwezingane zabo ezincane, eyomfana neyentombazane.

Ngesikhathi bedane bexabana behilizisana, izingane zidane zingena phakathi kwabo ziphinde futhi zibazungeze. Iyaqhubeka ingxabano yabo. Ummangalelwa ubonakala edane ecifiza ifoni, ngokuhamba kwesikhathi ucingo lwakhe ulubeka endlebeni bese kuphele isikhathi esingangamaminithi amabili ekhuluma nocingo. Ngemuva kwalokho, ummangalelwa ungena ngaphakathi endlini, bese nomufi eyangena.

Ngemuva kwesikhashana, kuphinde kubonakale umufi esephuma ngejubane ngaphandle kwesango. Ummangalelwa uyamfica umufi, bese eqala emgwaza ephindelala emqaleni nasemahlombe. Uyaqhubeka nokumgwaza noma ngabe eselele phansi. Umufi ubonakala epaquza eze amdonse ngothayi ummangalelwa. Kodwa usuke esedinwe kakhulu aqhubeke nokumgwaza. Lokhu ukwenza kubuka izingane. Kuthi uma eseqedile ukumgwaza, abuyele ngaphakathi endlini. Uyasala umufi, avuke kancane, kube khona akushoyo ezinganeni zakhe, bese edindiliza unomphelo.

Uma esebuya endlini ummangalelwa ufica sekukhona owesilisa ohamba ngesithuthuthu obezama ukulekelela umufi. Ummangalelwa ubonakala evuka indlobane ehubha umshayeli wesithuthu. Kuthi kusenjalo ebese kuqhamuka owesilisa oshayela imoto eBlue iRanger. Lo wesilisa uvele aqonde nje ngqo kumangalelwa efuna ukumcindezela ngemoto kodwa usinda ngokulambisa. Ucasuka kakhulu ummangalelwa, amane aye ewindini lalo wesilisa kodwa naye lo wesilisa ugcina esephelela amehlelweni.

Ngesikhathi lo wesilisa oshayela iRanger ehilizisana nommangalelwa, kubonakala umshayeli wesithuthuthu ecathama eshaya ngetshe elikhulu ummngalelwa emhlane. Kusona leso siphiphithiphi, kufika inkampani yonogada ingene ngaphakathi endlini, bese ibuya seyimbophile ummangalelwa.

Okuxakayo ukuthi uma esefakwe ozankosi ummangalelwa, ubonakala ekhihla isililo aze anikine ikhanda azishikishe phansi phambi kwesidumbu sikamufi. Ngaleso sikhathi, isidumbu sikamufi sisuke sesimbozwe ngendwangu emhlophe. Okuqaphelekayo ukuthi amaphoyisa aze afika ngemuva kwemizuzu emihlanu kubumbane ihora leshumi ntambama.

Enkantolo kumane kwaqhuma isililo ngesikhathi kudlala le video, kukhala abomndeni bakubo kukamufi.

Ebebephelezele ummangalelwa bona bebebuka i-video bejulile. Ngesikhathi iqhubeka i-video idlala ummangalelwa ubegqolozele udonga. Ngakolunye uhlangothi, imantshi ibibuka i-video, bese ibuka ummangalelwa, bese ibhala phansi. Ummangalelwa ufike enkantolo eswenke econsa efake isudi elinombala onsundu.

Icala lihlehliselwe inyanga ezayo. Kuzokhumbuleka ukuthi ummangalelwa watshela inkantolo ukuthi akasakhumbuli ukuthi kwenzekani ngosuku lwesigameko.