UMONAKALO
Image: SIGCINIWE
UHLELI ngaphansi kwezimo ezibucayi umndeni waseMpophomeni, eNanda, othi wabanjiswa udonga yiziphathimandla zikahulumeni ngo-2019, ziwudilizela indlu yawo "ephilayo", zathembisa ukwakha eyomxhaso masinyane kodwa zagcina zishaya zichitha.
Elandisa ngodaba umzukulu, uMnuz Kwanele Khumalo, uthe konke lokhu kwenzeka emva kokuba beshelwe yindlu eyayinegumbi elilodwa nazo zonke izinto zabo ezibalulekile ngoJanuwari 2019.
Uthe namanje basadidekile ngokuthi yashiswa yini ngoba babekhiphe zonke izimpahla ezisebenza ngogesi ngesikhathi uhamba kodwa yasha yangqongqa ngesikhathi ubuya.
Uveze ukuthi udaba balubika ekhanseleni lendawo, lona lalwedlulisela emnyangweni wezinhlekelele kuMasipala weTheku.
“Ngesikhathi benza izinhlelo zokuthi sivuselwe indlu eshile, kwavela ukuthi isendaweni embi, ngeke zikwazi ukufinyelela izimoto ezithwala impahla yokwakha. Sabe sesitshelwa ukuthi kuzodilizwa enye eyayinamagumbi amabili, kwakhiwe eyomxhaso endaweni yayo,” kusho uKhumalo.
Uthe indlu eyadilizwa nakuba yayakhiwe ngodaka kodwa yayiphila ngoba yayiplastelwe kahle, kungekho okushodayo kuyo.+
Uveze ukuthi bavuma ukuthi idilizwe njengoba babetshelwe ukuthi ukwakhiwa kweyomxhaso kuzoshesha.
“Kugcine kungenzeki lutho. Sithe noma silandelela ekhanseleni ukuthi kubambeni, lisitshele izizathu ezehlukene. Phakathi kwazo kukhona esokungabi bikho kwesabelomali sokuthi sakhelwe,” kusho uKhumalo.
Uthe indlu abasala beyisebenzisa, eyayingekho esimweni esikahle, idilika njalo, bahlala ngokuyiphesha.
“Uma ulele phakathi ubona isibhakabhaka. Uma lina siyahlukumezeka. Zonke izikhukhula ezibe khona eThekwini, bezisifica phakathi,” kusho uKhumalo, othe umndeni unamalungu ayisithupha, okukhona kuwo noninakhulu oneminyaka engu-74.
Uthe zimbili izigameko ezinyantisa igazi esezibehlele kule ndlu edilikayo abahleli kuyo.
“Esokuqala, esenzeke ngo-Disemba 2023, kwaba esokulinyazwa kukagogo yizigebengu ezagasela ebusuku njengoba le ndlu ingakhiyeki nakahle, zamgwaza amanxeba ayisishiyagalombili ekhanda,” kusho uKhumalo.
Uthe uninakhulu waqala lapho ukuba nenkinga yokuthikamezeka ekhanda njengoba esengumuntu okhohlwayo, athi uma ebabiza, abaphambanise namanye amalungu omndeni ashona kudala.
Esinye uthe kube esokushona kosana olwalunezinyanga ezine luzelwe, okwavele kwasa luthule ngoFebhuwari 2024.
“Sikholelwa ukuthi lwabulawa wumoya,” usho kanje.
Uthe uninakhulu owayehlale egqigqa emzini wekhansela ngoba engalitholi ocingweni kanjalo nasehhovisi, wagcina exoshwa unkosikazi walo uma eyolibheka kwalo.
“Wamtshela ukuthi angaphinde alubhade kwakhe,” kusho uKhumalo.
Uthe bacela usizo lokwakhelwa indlu engcono ukuze bazizwe bephephile futhi behloniphekile njengabanye abantu.
Uze wengeza ngokuthi ngabe kungcono ukuthi yayingadilizwanga indlu kaninakhulu wakhe yodaka ngoba ngabe bakhosele kuyo ngesikhathi belinde ukwakhelwa eyomxhaso.
Ward councillor/municipality comment pending...
Related Topics: