UMNUZ Simphiwe Qwabe ocishe wambathiswa ibhantshi
Image: ZIMBILI VILAKAZI
AKASAFUNE lutho oluzomhlanganisa nomsolwa owesilisa waseMatshana, eMpangeni, "obesembathiswe ibhanntshi" ngengane angayazi.
UMnuz Simphiwe Qwabe (36) usho kanje ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho obekuvela khona obeyisinqandamathe sakhe, uNksz Lungile Mbonambi (35) ngecala lokweba ingane enezinyanga eziyisishiyagalombili.
Umgilwa, inkantolo enqume ukuthi lingabhalwa igama lakhe emaphephandabeni, utholwe amaphoyisa eMatshana ngeSonto emva kokuba ngoMgqibelo uNksz Mbonambi "emebe" eflethini labazali bakhe enkabeni yeTheku, lapho abengumzanyana khona.
Ngokuthola kweSolezwe, umsolwa uhambe nomgilwa ngezikhathi zasekuseni, unina esemsebenzini. Kuvele ukuthi unina uze wathola ukuthi indodana yakhe intshontshiwe ngezikhathi zantambama, esefonelwa yindodana yakhe (16) ebikhona nayo eflethini, imbuza ukuthi kanti uyephi umzanyana nengane yakwabo.
UQwabe uthe: “Buphelile ubudlelwane phakathi kwami naye. Ayikho into esengaqhubeka phakathi kwethu emva kwalesi sigameko.”
Uthe kumjabulisile ukuthi babonane ubuso nobuso noyise wengane wangempela ukuze abone ukuthi yena akasilona isela.
UMNUZ Bongani Thabede onguyise wengane wangempela
Image: ZIMBILI VILAKAZI
“Nami ngangazi ukuthi ngihamba nengane yami njengoba ayengitshelile,” kusho uQwabe, oveze ukuthi indaba yokuthi uNksz Mbonambi ubewumzanyana kuleli flethi yinto abeyeshwama ngoMgqibelo sekuvela ukuthi webe ingane.
“Mina wayengitshele ukuthi ikwamalumekazi wakhe lapho ehlala khona, hhayi emsebenzini,” kusho uQwabe.
Uveze ukuthi kwenzeka lokhu nje bekuvele kukuningi okushayisa amakhala, kangangoba izolo bebehlele ukuthi baye esibhedlela esizimele oThongathi, iVictoria, beyokwenza ulibofuzo.
“Ngo-3 ntambama besine-appointment yokuyokwenza ulibofuzo, njengoba lowo-3 usungishayela la enkantolo, eseboshiwe. Bekukuningi khona obekungaqondakali kahle nokwenze saze safika esinqumeni sokuthi kufanele senze ulibofuzo,” usho kanje.
Phakathi kokunye uthe bekuyindlela abevele agxume ngayo uhhafu uma kukhulunywa eyokuthi kufanele ingane iyiswe emndenini wakhe (uQwabe).
“Nokungayilethi kimina ngendlela egculisayo, elokhu ebeka izaba engingaziqondi ezifana nokuthi umndeni wakhe awuvumi ayilethe ngoba angikayihlawuli. Nami bengimile kwelokuthi ngeke ngihlawule ingane engaziwa ekhaya,” kusho uQwabe.
Uthe njengoba ibiye kubo ngempelasonto bekungokwesibili eyibona, waveza ukuthi ubevele adinwe uma ephatha eyokuthi ufuna kwenziwe ulibofuzo.
Uthe ngesikhathi embona enkantolo ufikelwe wumuzwa wokuthi usesendaweni efanele ngoba amasela afanelwe yijele.
Uyise wengane wangempela, uMnuz Bongani Thabede uthe kumphathe kabi ukumbona esebhokisini labasolwa njengoba ebengumuntu ebebemethemba kakhulu.
“Ubeyithanda ingane, eyiphatha kahle. Ayikho into ebesiyisola nokuthi angenza into enje. Ngimbone ebukeka ezisola ngakwenzile. Ngiyamzwela bandla kodwa akukho engingakwenza ngoba umthetho kufanele usebenze,” kusho uThabede.
Uthe ubona nokuthi udinga usizo lokwelulekwa ngokwengqondo ngoba isenzo sakhe asibukeki singenziwa wumuntu osesimeni esikahle.
Inkantolo icala ilihlehlisele u-Okthoba 6 ukuze afake isicelo sebheyili.
Related Topics: