Amalungu eNatu
Image: Bongani Mbatha
KUNGASE kuphazamiseke izivivinyo zasekupheleni konyaka KwaZulu-Natal, njengoba izinyunyana zothisha zisabisa ngokuphaka impi yokufuna ngodli izidingo ezifana nemali yokubhekela izidingo zezikole eyaziwa ngama-norms and standards, izincwadi kanjalo ne-stationery.
Lokhu kulandela ukungafakwa kwama-oda okuthenga izincwadi ne-stationery sangonyaka ozayo, esisuke sihambisana nephepha lokugaya izikole ezilisebenzisa uma sekubhalwa izivivinyo.
Izolo uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, uhlangane nezikhulu zoMnyango wezeMfundo kanjalo noMgcinimafa esifundazweni, ukuzama ukulungisa izinkinga zemali ezibhekene nalo mnyango. Kulo mhlangano obuseThekwini bekukhona noNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli kanti kuvunyelwane ngokuthi kubunjwe ithimba elizoqhamuka nezisombululo enkingeni yemali ebhekene nomnyango.
UNobhala weSadtu eKZN, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe akucaci ukuthi kuzokwenzekani uma kuvulwa izikole ngonyaka ozayo njengoba bezwile ukuthi izincwadi azika-odwa.
Uthe izinkinga zomnyango azipheli ngoba uMgcinimafa kumele aqonde ukuthi kunemigudu elandelwayo kwezemfundo uma kwenziwa izinto.
"Kuyacaca ukuthi kumele siye empini futhi ukuze kulunge izinto. Lokhu kusho ukuthi akukho okuzolunga ngaphandle kokuba silwe," usho kanje.
Uthe nangonyaka odlule izivivinyo zaphazamiseka ngenxa yokuthi abafundi babengeke bakwazi ukubhala izinsiza zingafikile.
Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba uMnyango wezeMfundo unezinkinga zemali, sekudingeka ushaye indesheni emnyangweni kaMgcinimafa ngaphambi kokuba uthenge noma yini noma ukhiphe ithenda.
UNksz Thirona Moodley, isikhulu esiphezulu seNaptosa esifundazweni, uthe othisha kulindeleke ukuthi benze imilingo ekubeni benqindwa amandla wukungabikhona kwezinsiza kusebenza.
Uthe izikhala azivaliwe kanti nothisha baphelelwa wumdlandla.
"Isimo sibi kakhulu manje. Kumele kuthathwe izinyathelo ezinqala ngokushesha."
Uncome ukuhambela kukaNksz Gwarube ukuzama ukulungisa isimo somnyango.
Ubalule nokuthi kumele bathathelwe izinyathelo ezinqala labo abavume ukuthi isimo sibe sibi emnyangweni.
INatu esitatimendeni esikhiphe ngemuva kokuhlangana noNksz Gwarube, ithe ikhalile ngokuhamba kancane kokukhishwa kwemali yezikole.
Ithe ayifuni le mali ifakwe kancane kancane ngoba kwenza lungabikhona uzinzo lwemali ezikoleni.
"Sifuna zilungiswe ngokushesha izikhalo zethu. Uma kungenjalo sizimisele ukuqinisa umkhankaso wethu."
Ekhuluma emsakazweni uKhozi FM ekuseni izolo, uNksz Gwarube, uthe bafuna ukulungisa isimo ngokushesha kungaze kubaphinde okwenzeka nyakenye kubhikisha iSadtu kubhalwa izivivinyo ngenxa yokuthi imali yayingafakiwe.
Related Topics: