Izitshudeni zikhala ngoNFSAS
Image: Ndwalane
IZINHLANGANO zezitshudeni zikhala ngokubanjiswa udonga kozakwabo abasalinde ukukhokhelwa yisikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS).
Lezi zinhlangano okuyiSouth African Union of Students (SAUS), neyophiko lwentsha lwe-DA, i-DASO, zikhala ngokuthi izitshudeni zibhuqwa yindlala kanti zisengcupheni yokuthi zixoshwe omastende abangakhokhelwe.
Okhulumela iSAUS, uMnuz Thato Masekoa, uthe isekhula ekhishwe yiNSFAS, iveza ukuthi lesi sikhwama sizokhokhela izitshudeni imali yangenyanga ezayo kanjalo noNovemba.
Uthe isekhula idalule ukuthi izitshudeni zikhokhelwa izinyanga ezingu-10 onyakeni, ekubeni zifake izicelo zokukhokhelwa imali yonyaka ogcwele, oyizinyanga ezingu-12.
"Lesi sinyathelo sisho ukuthi izitshudeni zizobulawa yindlala ziphinde zingene ezikweletini ekubeni zixhaswe ngokugcwele unyaka wonke. Lokhu kuzokwenziwa ngukuthi kunezinyanga ezingeke zikhokhelwe ngazo. Zizokhishwa nalapho zihlala khona omastende ngenxa yalesi sinyathelo."
Uthe imali yale nyanga izitshudeni obekumele ziyithole namanje zisayilindile.
"Sifuna uMnyango weMfundo ePhakeme ungenelele kule nkinga. Abathole uxhaso kumele bahlinzekwe ngemihlomulo yabo unyaka wonke, imali ingakhishwa izikhawu," usho kanje.
Ukhale ngokuthi lokhu kubeka engcupheni ikusasa lezitshudeni.
USihlalo weDASO uNksz Andrea Martinez, ugxeke iNSFAS ngokuhluleka ukufeza izethembiso kwizitshudeni ezixhasiwe.
Uthe lesi sikhwama siyaqhubeka nokuhluphekisa izitshudeni ezizophenduka ondingasithebeni uma sezixoshwa omastende.
"Izitshudeni zithwaliswa kanzima omastende abafuna imali yabo. Abakhokhelwa ngesikhathi okwenza ukuthi bafune ukuxosha izitshudeni, phezu kokuba zisuke zixhaswe ngokugcwele."
Uthe kwezinye izikhungo izitshudeni zisebenzisa imali yokudla ukukhokhela izindawo zokuhlala.
"Sibonga omastende abanomusa, abaqhubeka bagcine izitshudeni ekubeni zingakhokhelwe Kwabona sebephelelwa yisineke manje njengoba izethembiso zokukhokhelwa zingafezwa," usho kanje.
Uthe bafuna uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, ayisukumele ngokushesha eyokubambezeleka kokukhishwa kwemali yiNSFAS.
"UMnyango kumele ubhekele ukusebenza kweNSFAS. Sinxusa nezikhungo ukuthi zixhumane nezinhlaka ezimele izitshudeni ngezinselelo ezithinta lesi sikhwama. Izikhungo eziningi ziyathula zingaziveza izinselelo bese kusuka izibhelu."
Uveze ukuthi izitshudeni azidli izethembiso ezenziwa ezithangamini nabezindaba ezibizwa ngumnyango neNSFAS.
Esithangamini nabezindaba ngasekuqaleni kwale nyanga esasibizwe nguManamela neNSFAS, kwathenjiswa ukuthi kuzophela le nyanga sezilungisiwe izinkinga ezithinta ukungakhokhelwa kwezitshudeni imihlomulo yazo.
I-NSFAS yathembisa nokuthi izokhokhela omastende esabakweleta. Okunye okwavela ngukuthi lesi sikhwama sidinga imali ethe xaxa ukuze sihlangabezane nezidingo zezitshudeni.
Related Topics: