Izindaba

Kube nomthelela ukuphuza ukwethulwa kwesabelomali

Mhlengi Shangase|Published

UKUPHUZA ukwethulwa kwesabelomali sezwe kulo nyaka kwenze ukuthi isabelomali samaphakathi nonyaka sethulwe ngoNovemba.

Isabelomali sikazwelonke okujwayeleke ukuthi sethulwe njalo ngoFebhuwari, saphuza ukwethulwa ngenxa yokungavumelani kwamaqembu akuhulumeni wokubambisana kuleli, iGNU.

Isabelomali esibuyekeziwe saze sethulwa ngoMeyi ngenxa yakho ukubambezeleka ngenxa yokuthi kwakusaqhubeka izingxoxo.

UMgcinimafa kazwelonke umemezele ukuthi isabelomali esibuyekeziwe sizothulwa ngoNovemba 21, 2025.

Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe iPhalamende lidedele uhlu lwezinhlelo zalo zekota yesine lapho kukhishwe nosuku lokwethulwa kwalesi sabelomali.

Uthe izikhulu zomnyango kaMgcinimafa zimatasa nezinhlelo ezithinta isabelomali esibuyekeziwe.

"Isabelomali esibuyekeziwe sizokwethulwa nguNgqongqoshe uMnuz Enoch Godongwana, kulandelwa nemigomo ethinta uMthethosisekelo olawula lesi sabelomali. IPhalamende lizogunyaza lesi sabelomali ngonyaka ozayo. Usuku lokusigunyaza olusekhalendeni lePhalamende nguJanuwari 13, 2026,," kusho uMothapo.

Uthe lokhu kwenziwe ngumbono owabakhona emaqenjini ahlukene ayechitha ukuphasiswa kwaso.

"Asethembe ukuthi ngeke kube nokuphazamiseka ezinhlelweni ezithinta isabelomali." 

Isabelomali esibuyekeziwe sijwayele ukwethulwa ngo-Okthoba minyaka yonke.

Umbango esabelweni sokuqala wasuswa wukuthi i-ANC yayifune ukunyusa intela afakwa uma kuthengwa impahla, iVAT. Lokhu kwenza amaqembu ahlukene kwi-GNU ashaya amakhala esichitha ethi lingawa licoshwe yizinkukhu uma engavumela ukuthi kunyuswe iVAT ngoba lokho kuzoshaya abantu abahlwempu.

UMgcinimafa wakhala ngokuthi ukunganyuswa kwesabelomali kuzovula umgodi kaR75 billion, emnothweni.

Ukuklwebhana kwamaqembu i-DA ne-ANC kwi-GNU kwaqubula nezinkulumo zokuthi i-DA ingase ihoxe kulo hulumeni. Kodwa leli qembu lashaya phansi ngonyawo lathi aliyi ndawo ngoba alifuni ukuthi i-EFF ibe yingxenye kahulumeni.

I-EFF ihlale ilibeka ngembaba elokuthi izimisele ukuba yingxenye kahulumeni kodwa ayifuni ukusebenza ne-DA.