Thami Ntuli
Image: Leon Lestrade
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uchithe inkolelo ethi baphendule idlinza lomsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, elenziwe indawo yamagugu ngokwezinga lesifundazwe ngenxa yokumhlonipha ngokwezepolitiki.
Uthe kunalokho, bahloniphe uShenge ngeqhaza lakhe kuhulumeni wesifundazwe kanjalo nasebuholini bomdabu, hhayi ngoba wayengumholi we-IFP.
"Bekubalulekile ukuthi simhloniphe ngale ndlela ngenxa yeqhaza lakhe kuhulumeni kanjalo nasebuholini bomdabu. Ngiyakuchitha ukuthi lokhu kwenziwe uhulumeni ngenxa yokumhlonipha ngokwezepolitiki. Ukwenziwa kwale ndawo indawo yamagugu yavunywa amaqembu ahlukene kuhulumeni," kusho uNtuli.
Uthe waba neqhaza ekukhululeni izwe ngakho bekubalulekile ukuthi ahlonishwe ngomsebenzi awenza nakuhulumeni waKwaZulu.
Ukusho lokhu izolo, ekhuluma esiShayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu, ngesikhathi kunenkulumo ngenyanga yamagugu.
Ekhuluma emcimbini wokwethula leli dlinza njengendawo yamagugu ngenyanga edlule, uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, wathi uShenge ufanelwe ukuhlonishwa ngenxa yemisebenzi yakhe ezweni.
UMnuz Blessed Gwala we-IFP, ekhuluma esiShayamthetho, uthe udinga ukuhlonishwa uShenge ngeqhaza lakhe kuleli.
Uxwayise labo abagxeka imikhosi efana nowoMhlanga neminye imikhosi eyenziwa iSilo.
INkosi Phathisizwe Chiliza yeqembu Umkhonto weSizwe, ithe emkhosini ebiyenziwa iSilo esabuza uMdlokombane, kwakubakhona nezinye izinhlanga okubalwa abamhlophe, amaNdiya kanjalo nezinye izinhlanga.
UChiliza uthe usebenzile noShenge wathi wabamba iqhaza elikhulu yingakho kumele kubekwe eceleni ipolitiki.
"IMbabazane ibambe elikhulu iqhaza njengondunankulu kaZulu. Ibizikhandla uma isikhuluma indaba yeSihlalo sikaZulu, noma ibihola iqembu lezombusazwe."
UDkt Imran Keeka we-DA, uthe inyanga yamagugu akuyona nje eyokuhloba ngezinto zamagugu noma ukosa inyama kodwa ukwakha isizwe esibumbene noma amasiko engafani.
Uthe abafundi kumele bakwazi ukufunda noma ikusiphi isikole, bafunde nanganoma iluphi ulimi baphinde badle ndawonye.
"Kudingeka sakhe isifundazwe esibumbene. Asikwazi ukusebenzisa amasiko ukusihlukanisa."
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni, uNksz Mbali Shinga we-NFP, uthe umgubho wamagugu akumele kube owabantu abathile kuphela kodwa uwonke wonke.
Uthe uNtuli ukhale ngodaba lokuthi ezinye izinhlanga azibi yingxenye yemigubho esuke ihleliwe esifundazweni.
"Kumele sifundise ngamagugu nomlando kubafundi ezikoleni."
Related Topics: