Izindaba

Ukhale ngedimoni lotshwala emphakathini kugujwa uSuku lwamaGugu

Mhlengi Shangase|Published

AMALUNGU omphakathi abehambele umgubho woSuku lwamaGugu eWestern Cape

Image: Jairus Mmutle / GCIS

IBAMBA likamengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile

Image: Jairus Mmutle / GCIS

LIHLABE ikhwelo ibamba likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, ezikhungweni ezigcina amagugu ukuthi zifake isandla empini yokulwa nezinto ezifana nobugebengu nezidakamizwa ezidlange entsheni kanjalo nezinga eliphezulu lokungasebenzi.

UMashatile ukhale ngokuthi lezi zinto zidinga ukusukunyelwa ngokushesha ngoba zifana nedimoni.

"Kumele izikhungo zamagugu ezweni zisize uhulumeni empini yokulwa nenkinga yokungasebenzi kwentsha. Iyasikhathaza indaba yezidakamizwa ezidlange entsheni, ubugebengu nenkohlakalo," kusho uMashatile ethula inkulumo kugujwa uSuku lwamaGugu e-Oudtshoorn, eWestern Cape izolo.

Uthe ukungenelela kwalezi zikhungo kungathela izithelo ezinhle.

"Nemiphakathi  ineqhaza elibalulekile empini yokulwa nezinto ezingalungile ezikhinyabeza intsha. Asifuni izingane zethu zigcine sezibizwa ngamaPhara, ngenxa yokuba yimilutha yezidakamizwa," kusho uMashatile.

Ukhale nangedimoni eliwutshwala athe ligubuzele isizwe.

"Akuliwe nenkinga yabantu abankunka utshwala baze baphenduke izidakwa. Kumele sibambisane ukulwa nale nkinga yokuxhashazwa kophuzo oludakayo." 

Ubalule nabaholi bendabuko wathi baneqhaza elibalulekile ekugcinweni kwamagugu.

"Abaholi bomdabu kumele bavikele amagugu kanjalo nezinto ezithinta umhlaba. Iqhaza labo lisenza sikwazi ukubumba isizwe esihlanganisa uwonkewonke."

Uveze nokuthi izwe libamba imihlangano ehlukene yabaholi bamazwe abakwi-G20.

"Selokhu kuqale unyaka sisemkhankasweni wokubamba imihlangano ehlukene nabaholi be-G20. Silungiselela nengqungquthela ye-G20 ezoba ngoNovemba kuleli."

Uthe abantu bakuleli kumele batshengise amanye amazwe amagugu izwe elizigqaja ngawo.

"Amagugu ethu enza sibumbane. Ngalokhu singakwazi ukuvula amathuba emkhakheni wezokuvakasha kanjalo nowezobuciko," kusho uMashatile.

Ugxeke nohulumeni wobandlululo ngokuzama ukugqiba umlando namagugu abantu abamnyama.

"Izinhlelo ezifana nohlelo lwezemfundo olwalucwasa abamnyama, yizona zinto ezabukela phansi amagugu ezwe. Yingakho uhulumeni esemkhankasweni wokuthi akhe imigomo ethinta ukungcwatshwa kabusha kwamathambo abaholi bamaKhoisan, kanjalo nokuhlonza izindawo ezigcine la mathambo."