UNGQONGQOSHE wezikaGesi, Dkt Kgosientsho Ramokgopa, ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo
Image: SITHUNYELWE
KULOKOZA inhlansi yethemba ebantwini abangu-8.5 million, ababhekene nengwadla yokucishelwa ugesi njalo, ngenxa yokuthi kusuke kwehliswa ukusindelwa kwawo ikakhulu ngesikhathi lapho abantu bewusebenzisa kakhulu.
Le nkinga eyaziwa nge-load reduction, yenzeka ezindaweni ezehlukene kuleli. KwaZulu-Natal idlange eMsinga naKwaMbonambi.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe kaGesi nezaMandla, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, izolo ekhuluma esithangamini nabezindaba ngezinhlelo zokuqeda ngale nkinga ebhekene kakhulu nabantu abahlala ezindaweni lapho ugesi ungakhokhelwa khona.
"Sihlele ukuthi le nkinga yokunqanyulwa kukagesi ngenxa yokuthi ama-transformer asuke esindelwa kakhulu, iphele esikhathini esingangonyaka. Kwezinye izindawo siyazi ukuthi sizohlangabezana nezingqinamba zalabo abazobe begoloza ukuthi silungise le nkinga, lapho sinezinhlelo zokuthi silule izinyanga zokwenza lokhu," usho kanje.
Uthe abanye bayamkhalela bathi bacishelwa ugesi ekubeni bewukhokhela.
"Yingakho sizofaka ama-smart meters ukuze abantu bawukhokhele ugesi. Sizokwazi ukubona labo abangawukhokheli ugesi uma sesifake ama-smart meters. Bangu-2.1 million abantu okumele ngabe bahlomula ngogesi wamahhala kodwa babalelwa ku-400 000 abahlomulayo ngokwe-Eskom," usho kanje.
Uthe zine izifundazwe ezinenkinga enkulu ye-load reduction, okuyiGauteng edlange emijondolo ekulesi sifundazwe.
"Kulandela iLimpopo, lapho kunale nkinga yokucishwa kukagesi ngenxa yokuthi usuke usindelwa bese kuba yiMpumalanga neKZN. E-KZN inkinga inkulu eMsinga kanjalo naKwaMbonambi. KuMasipala waKwaNongoma ku-ward 7 no-8, kunamakhasimende angu-1 293 asebenzisa ugesi wekhadi kodwa abhekene nenkinga yokunqanyulelwa ugesi. Sihlele ukuthi siyilungise le nkinga kule ndawo maduzane."
Uveze ukuthi balindele ukuthi emadolobheni bazogoloza abazobe bengalufuni lolu hlelo ngoba bayahlomula kulabo abangawukhokheli ugesi.
Uthe imali ekweletwa i-Eskom ngomasipala namakhasimende kuleli ikhula zinyanga zonke njengoba isibalelwa ku-R100 billion.
"Ngenyanga lesi sikweletu sikhula ngo-R2 billion. Yingakho sifuna ukusehlisa ngokushesha."
Related Topics: