Izindaba

I-ANC ifuna bagodukiswe abokufika abangenawo amaphepha afanele

Mhlengi Shangase|Published

UNOBHALA jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula ofuna bagodukiswe abokufika abakuleli ngokungemthetho

Image: X/Fikile Mbalula

I-ANC isiphefumule ngabantu bokufika abakuleli abangenawo amaphepha afanele.

UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ufuna bagodukiswe abantu bokufika abangenawo amaphepha afanele okuba kuleli.

UMbalula ukhale ngokuthi abanye babo benza ubugebengu, bantshontshe izinto zabantu bese beyocasha emabhilidini asemadolobheni amakhulu.

"Laba bantu kumele sibagodukise baye emazweni abo. Benza ubugebengu bese beyocasha. Emadolobheni afana neGoli yilapho la bantu bedlange khona. Abanawo amaphepha afanele ngakho kumele bagodukiswe," kusho uMbalula.

Ukhulume kanje ekhuluma emhlanganweni wamakhansela e-ANC eGoli ngeSonto.

Ngesikhathi esho lokhu amalungu ale nhlangano ashaye ihlombe ethi mabahambe.

Kushaywe amakhwela bethi impela mabahambe, ngoba benza ubugebengu.

UMbalula uncome nomsebenzi omuhle owenziwa yiBorder Management Authority, uphiko olubhekele ukuqinisa umthetho emingceleni yakuleli.

"Sibonga owayenguNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi, ngokuqinisa ukusebenza kwalolu phiko. I-DA ihamba izishaya isifuba ithi iyona eyenza lolu phiko lusebenze ngale ndlela. Lolu phiko luyiqinisile imithetho yokungena kwabantu emigceleni yakuleli," kusho uMbalula.

Uthe uma kugodukiswa abantu bokufika kumele kwenziwe kulandelwe umthetho.

Unxuse amakhansela e-ANC ukuthi ayisukumele eyabantu bokufika abangenawo amaphepha afanele okuba kuleli.

"Kumele nihlonze izinto ezimbalwa enizozilungisa lapho nihlala khona. Lokhu sikwenzela ukuthi abantu baphinde basithembe. Yingakho emadolobheni amakhulu kumele isukunyelwe eyabantu bokufika abangenawo amaphepha afanele," kuqhuba uMbalula.

UMbalula usho kanje nje amanye amaqembu ezepolitiki ahlale ehlaba ikhwelo lokuthi mabaphindiselwe emazweni abo abantu bokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli.

Izinhlangano ezifana ne-Operation Dudula ezinze eGoli neMarch and March ezinze KwaZulu-Natal, zihlale zisemkhankasweni wokuxosha abokufika abangenawo amaphepha afanele.

Lezi zinhlangano zivala emasangweni ezibhedlela zifuna ukuthi abokufika abangenawo amaphepha afanele bangalutholi usizo lwezempilo.

Kunengebhe yokuthi ngonyaka ozayo lezi zinhlangano zizogasela ezikoleni zivimbe abafundi abangenawo amaphepha okuba kuleli.

Umthetho wezikole iBELA uyakuvuma ukuthi abafundi abangenawo amaphepha afanele bafunde ezikoleni zakuleli. Kodwa ube usuyalela othishanhloko ukuthi babasize laba bafundi ngokuthi bathole izimvume zokuba kuleli.

Okukhalisa abantu bakuleli wukuthi izinsiza zezwe ziyashoda kanti zigcina sezisetshenziswa abantu bokufikai, abantu bakuleli bagcine sebengalutholi usizo.