UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela
Image: Siyabulela Duda
UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme uMnuz Buti Manamela, usevikele isinqumo sokujutshwa kwamalungu e-ANC kumabhodi ama-Sector Education and Training Authority (SETA), phezu kokuba kunezikhalazo.
UManamela uthe ukuba yilungu le-ANC, akukuvimbi ukuthi ujutshelwe ekubeni usihlalo we-SETA.
"Akukho okuvimba umuntu onamava ukuthi ajutshelwe kwi-SETA, noma kungathiwa uyilungu le-ANC. Ukuba yilungu leqembu lezepolitiki akukwenzi ukuthi ungakwazi ukujutshelwa kulezi zinhlaka," usho kanje.
Ukusho lokhu ngesikhathi evele ngaphambi kwekomiti lomnyango ePhalamende. Ubechaza ngokufaka ngaphansi kwabalawuli kwamaSETA amathathu, okuyiServices SETA, Construction SETA neLocal Government SETA (LGSETA).
Indaba yokuqokwa kwamalungu e-ANC kumabhodi ama-SETA, yasusa umsindo njengoba kwakhalwa ngokuthi kufakwa abantu bale nhlangano, abasondelene nabaholi benhlangano okubalwa nezingane zabo. Lo msindo awuqali ukuqubuka njengoba nangesikhathi sikangqongqoshe walo mnyango owaxoshwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, uDkt Nobuhle Nkabane, kwasuka umsindo ngokuqokwa kwabaholi be-ANC okubalwa noDkt Nomusa Dube-Ncube oseyiPhini likaNgqongqoshe kulo mnyango.
UManamela uthe abaqokiwe uma bengenawo umlando wokulahlwa amacala akukho okubavimba ukuthi bajutshwe.
"Sisuke sifuna umuntu ozobuyisa uzinzo kuleyo-SETA. Ngikholwa ukuthi abantu abajutshwayo bazokwazi ukwenza okulindeleke kubona," kusho uManamela.
Uveze ukuthi ufake la maSETA ngaphansi kwabalawuli ngo-Agasti, emva kokuxhumana neNational Skills Authority.
Udalule ukuthi wathola ukuthi izinto bezibheda kakhulu kula maSETA.
"Besingeke sishiye izinto zilenga ekubeni amabhodi abesehluleka ukwenza umsebenzi wawo. Imibiko ethinta uphenyo ngemali ibizitshwa. Abantu okumele ama-SETA ababhekele, izitshudeni, abaqashi kanjalo nabasebenzi abese beshiywe kanjalo, sebezibonela."
Uthe ujube oMnuz Lehlogonolo Masoga kwi-Services SETA, Oupa Nkoane kwi-Construction SETA noZukile Mvalo kwi-Local Government SETA.
"Isimo sisuke sesisibi kakhulu uma sekufakwa inkampani engaphansi kukahulumeni ngaphansi komlawuli. Ibingekho enye indlela ebesingayenza kulokhu ngaphandle kokuthi sizifake ngaphansi komlawuli."
Uthe iConstruction SETA, ike yaba ngaphansi komlawuli phakathi kuka-2020 no-2022.
"Ngo-2024, kwasatshiswa owahlaba umkhosi wabika ngezinto ezazenzeka. Ibhodi belingahlangani noMcwaningi Mabhuku Jikelele ngezinselelo ezikhona minyaka yonke," kusho uManamela othe bekunombango wamathenda.
KwiLocal Government SETA, ukhale ngokuqokwa kwesikhulu esiphezulu nokuhlakazwa kwekomiti elicubungula amabhuku.
"Kwama imisebenzi ethile, izitshudemi zasala dengwane zingakhokhelwa imihlomulo yazo."
Related Topics: